Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 77:2 - IsiZulu 2020

2 Ngosuku losizi lwami, ngifuna iNkosi, ebusuku ngelule isandla sami ngingakhathali. Umphefumulo wami uyenqaba ukududuzwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Osukwini losizi lwami ngiyayifuna iNkosi; ebusuku isandla sami seluliwe, asidangali; umphefumulo wami wala ukududuzwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngosuku losizi lwami ngayifuna iNkosi; amathumba ami ageleza ebusuku, awanqamuki; umphefumulo wami wala ukududuzwa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 77:2
29 Referans Kwoze  

ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Onke amadodana namadodakazi akhe, afika ukuzomduduza, kepha kwanhlanga zimuka nomoya. Wathi: “Ngiyoze ngiye kwelabafileyo ngisayililela indodana yami.” Waqhubeka nokuyililela indodana yakhe.


Ebusuku umphefumulo wami uyakulangazelela, ngiyokufunisisa ngomoya ongaphakathi kwami. Ngokuba lapho izehlulelo zakho zisemhlabeni, izakhamuzi zasemhlabeni zifunda ukulunga.


Simakade, bakufunile besosizini, bazethula kuwe ngemikhuleko lapho ubasola.


Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


“Kwathi lapho u-Efrayimi ebona ukugula kwakhe noJuda ebona isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi, kodwa nayo ayiyukukwazi ukuniphulukisa, iyakwehluleka ukwelapha isilonda senu.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Izwi liyezwakala eRama, ukulila nokukhala okumunyu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe; uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe, ngokuba abasekho.”


Ngakho-ke abaJuda ababenaye endlini bemduduza, kuthe bebona uMariya esukuma ngokushesha ephuma, bamlandela, ngoba babecabanga ukuthi uya ethuneni ukuba ayokhala khona.


“Wozani, masibuyele kuSimakade, ngokuba Yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; Yena usishayile, uyakubopha inxeba lethu.


Umoya womuntu uyabumela ubuthakathaka bakhe, kodwa ngubani ongathwala umoya odabukileyo na?


Ngosuku lokuhlupheka kwami ngikhala kuwe, ngokuba uzongiphendula.


lapho ngikukhumbula embhedeni wami, ngizindla ngawe kwesikabhadakazi.


Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, ngakhala, uNkulunkulu walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami, kwafinyelela ezindlebeni zakhe.


“Uma uqondisa kahle inhliziyo yakho, welulela izandla zakho kuye,


“Uma kuba khona indlala ezweni, noma imbo, noma ukuhwamuka, nesikhutha, isikhonyane, umswenya noma izitha zabo zibavimbezela ezweni lemizi yabo, noma inhlupheko yahlobo luni nasifo sini,


Yayisithi kuye: “Awusezukubizwa ngokuthi unguJakobe, usuzobizwa ngokuthi ungu-Israyeli, ngokuba ulwe noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”


Ekuseni, emini nantambama ngizokhala kuye, ngibubule, uzolizwa izwi lami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite