Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 77:18 - IsiZulu 2020

18 Izwi lokuduma kwakho lisesiphephweni, imibani yakhanyisa izwe, umhlaba wandindizela, wazamazama.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Izwi lokuduma kwakho lalisesivunguvungwini; imibani yakhanyisa izwe; umhlaba wadikizela, wazamazama.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Izwi lokuduma kwakho lalisezulwini; umbani wakhanyisa izwe, umhlaba wazamazama, wazamazama.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 77:18
18 Referans Kwoze  

Imibani yakhe ikhanyisa umhlaba, ukubona lokho umhlaba qede uthuthumele.


Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe. Kwaba khona imibani, ukuhlokoma kwamazwi, ukuduma, ukuzamazama komhlaba nesichotho esikhulu.


USimakade waduma ezulwini; Ophezukonke walizwakalisa izwi lakhe.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohleli kuso; obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akwatholelwa ndawo.


Emveni kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu, umhlaba wakhanyiswa yinkazimulo yayo.


Kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza, yaligingqa itshe, yahlala phezu kwalo.


Isihenqo sethempeli sadabuka kabili; kusukela phezulu kuze kufike phansi. Umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka,


Ukukhanya kwakhe kufana nelanga liphuma, imisebe ivela esandleni sakhe, kulapho amandla akhe efihlwe khona.


Ngokukhuza kwakho abaleka, ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka.


Umhlaba wazamazama, wathuthumela, izisekelo zezintaba zanyakaza, zashukumela emuva naphambili, wavutha.


“Umhlaba wawusuzamazama, wandindizela; izisekelo zezulu zathuthumela, zaqhaqhazela, ngokuba ethukuthele.


“Simakade lapho uphuma eSeyiri, uphuma esifundeni kwa-Edomi umhlaba wazamazama namazulu ayithulula, amafu athulula amanzi.


Yonke intaba iSinayi yayithunqa intuthu, ngokuba uSimakade wayehlele kuyo ngomlilo, intuthu yayo yenyuka njengentuthu yesithando somlilo; intaba yonke yazamaza kakhulu.


Ngosuku lwesithathu ekuseni, kwaba nokuduma, nombani, nefu elimnyama phezu kwentaba, nokukhala okukhulu kwecilongo, abantu bonke ababesenkanjini bathuthumela.


Uciba ngemicibisholo yakhe, izitha zihlakazeke; umbani ulokhu uthi nyazi, uzidudulela kude.


Ngenkathi Wena, Simakade, uzithethisa, lapho uzifutha ngamakhala akho, umphefumulo wakho uziqumbe phansi. Izinzulu zolwandle zavela obala, nezisekelo zomhlaba zaba kwabha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite