Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 77:1 - IsiZulu 2020

1 Ngikhala kuNkulunkulu ngezwi eliphakemeyo, ngiyamemeza ukuze angizwe uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izwi lami ngiyakuliphakamisela kuNkulunkulu, ngikhale kuNkulunkulu ukuba angibekele indlebe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela, kuJeduthuni, ihubo lika-Asafa. Ngamemeza kuNkulunkulu ngezwi lami, ngezwi lami kuNkulunkulu; wangizwa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 77:1
11 Referans Kwoze  

Ngakhala kuSimakade ngezwi lami; wangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela


UNkulunkulu uMninimandla wonke, uSimakade uyakhuluma, ubiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona.


Ngithe: “Ngizoqaphela izindlela zami, ukuze ngingoni ngolimi lwami; umlomo wami ngizowufaka isimfonyo, inkani nje uma kunababi phambi kwami.”


Mphefumulo wami, thula, ulindele uNkulunkulu kuphela, ngokuba insindiso yami ivela kuye.


Nasi isihlupheki esakhala uSimakade wasilalela, wasisindisa kuzo zonke izinhlupheko esasikuzo.


Bonke laba babephethwe nguyise ekuhlabeleleni endlini kaSimakade ngamasimbali, ngezingubhu nangamahabhu ekukhonzeni endlini kaNkulunkulu. U-Asafa, uJeduthuni noHemani babephethwe yinkosi.


KuJeduthuni: amadodana akhe: nguGedaliya, uZeri, uJeshaya, uShimeyi, uHashabhiya noMathithiya, esewonke eyisithupha, ephethwe nguyise uJeduthuni owayephrofetha ngohabhu, ngokubonga nangokudumisa uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite