Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 75:7 - IsiZulu 2020

7 kodwa uNkulunkulu ungumehluleli; omunye uyamehlisa, omunye amphakamise.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 kepha uNkulunkulu ungumahluleli; omunye uyamehlisa, omunye amphakamise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa uNkulunkulu unguMahluleli: uyamehlisa omunye aphakamise omunye.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 75:7
19 Referans Kwoze  

Uwisile amakhosi ezihlalweni, uphakamisile abantukazana.


USimakade uyabaphakamisa abathobekileyo, izikhohlakali uziqumba phansi.


Amazulu amemezela ngokulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumehluleli. Sela


Aningikhethanga nina, kodwa yiMina enginikhethile, ukuba nihambe, nithele izithelo; nezithelo zenu zihlale, ukuze kuthi noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, aninike yona.


Wayesethi uDavide kuMikhali: “Ngisine phambi kukaSimakade owangikhetha ukuba ngibe yinkosi kunoyihlo nabo bonke abendlu yakhe, wangibeka ukuba ngibe ngumbusi wabantu bakaSimakade kwa-Israyeli, yebo, ngisinile phambi kukaSimakade.


USimakade wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nina uSawule na? Ngimlahlile, ngeke esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngikuthuma kuJese waseBhethlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”


abantu baze bathi: “Impela ukhona umvuzo wolungileyo; impela ukhona uNkulunkulu owehlulelayo emhlabeni.”


USamuweli wathi kuye: “USimakade uwuklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, wawunika umakhelwane wakho ongcono kunawe.


Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nobubi nokukhonza izithombe. Ngokuba ulilahlile izwi likaSimakade, naye ukulahlile, awusezukuba yinkosi.”


Kepha ngomhla okwaba kuhle ngawo kuNkulunkulu owangehlukanisela ngisesesibelethweni sikamame, wangibiza ngomusa wakhe,


Wena nkosi uyinkosi yamakhosi onikwe umbuso, namandla, nodumo nguNkulunkulu wasezulwini.


Ngesikhathi esedlule, sisabuswa yinkosi uSawule, nguwe owawuhola u-Israyeli ephuma noma ebuya empini. USimakade wathi kuwe: ‘Wena uyokwelusa abantu bami, u-Israyeli, uyokuba ngumbusi phezu kuka-Israyeli.’ ”


Ngokuba uma ukulahlwa kwabo kulethe ukubuyisana emhlabeni, pho ukwamukelwa kwabo kuyakulethani uma kungesikho ukuphila kwabafileyo na?


“E, nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukhadinezari uyihlo umbuso, ubukhulu, udumo, nobukhosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite