Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 74:1 - IsiZulu 2020

1 Nkulunkulu, usilahleleni kwaze kwaba phakade na? Izimvu zedlelo lakho uzithunqiselelani ngentuthu yolaka lwakho na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na? Intukuthelo yakho ithunqelelani izimvu zedlelo lakho na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 IMaskili lika-Asafa. Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na? intukuthelo yakho ithunqeleni izimvu zedlelo lakho na?

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 74:1
30 Referans Kwoze  

uSimakade angamthetheleli, kodwa intukuthelo kaSimakade nesikhwele sakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uSimakade alesule igama lakhe phansi kwezulu.


Yazini ukuthi uSimakade unguNkulunkulu; nguYena osidalileyo, asizidalanga thina, singabantu bakhe, nezimvu zedlelo lakhe.


Khona thina, bantu bakho, izimvu zedlelo lakho, siyakukubonga kuze kube phakade, sishumayele udumo lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Ngokuba Yena unguNkulunkulu wethu, thina singabantu bedlelo lakhe nezimvu zesandla sakhe.


Nokho usilahlile, wasijabhisa, futhi awusaphumi nezimpi zethu.


“Ungesabi, mhlambi omncane, ngokuba kuyintando kaYihlo ukuba aninike umbuso.


“ ‘ “Nina niyizimvu zami, niyizimvu zedlelo lami, nabantu bami, Mina nginguNkulunkulu wenu,” ’ ” kusho uSimakade.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Uma amazulu phezulu engake alinganiswe, nezisekelo zomhlaba emajukujukwini ziphenyisiswe; kulapho-ke Mina ngiyobalahla khona bonke abozalo luka-Israyeli, ngakho konke abakwenzileyo,” kusho uSimakade.


“Maye, kubelusi ababhubhisa, bahlakaze izimvu zedlelo lami!” kusho uSimakade.


Kuyoze kube nini, Simakade, ulokhu uthukuthele, isifithifithi solaka lwakho sivutha njengomlilo na?


“Ngabe iNkosi iyokuyekelela kuze kube phakade na? Ayiyukuphinda yini ikwenzele umusa?


Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe.


ngifunga ngiyagomela,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade, “ ‘ “impela ngenxa yokuthi izimvu zami zaba yimpango, futhi zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle, lokhu zingenamelusi, nokuthi abelusi bami abangazange bazicinge, baba ngogombela kwesabo, bangazelusa izimvu zami,


Bantu bami, yizwani umthetho wami, nibeke izindlebe zenu emazwini omlomo wami.


Nkulunkulu, akuWena yini osilahlileyo na? Awusaphumi namabutho ethu, Nkulunkulu.


Nkulunkulu usilahlile, usibhubhisile, ngoba usithukuthelele; ake usivuselele futhi.


Ngizakuthi kuNkulunkulu, iDwala lami: “Ungikhohlweleni na? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha na?”


Ukhafula intuthu ngamakhala akhe, kuthaphuke umlilo oqothulayo emlonyeni wakhe, akhafule amalahle avuthayo.


Simakade, kungani umele kude na? Uzifihlelani ngezikhathi zokuhlupheka na?


UMose washweleza kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhipha eGibhithe ngamandla amakhulu, nangesandla esiqinileyo na?


Ngiyakuyilahla insali yefa lami, ngiyinikele esandleni sezitha zayo, iyokuba yimpango nento ebanjiweyo yazo zonke izitha zayo,


UNkulunkulu uMninimandla wonke, uSimakade uyakhuluma, ubiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona.


Ngabe ububele bayo sebuphele ingunaphakade na? Ngabe isithembiso seminyaka sesiphelile yini ezizukulwaneni ngezizukulwane na?


Ubondle ngesinkwa sezinyembezi, wabaphuzisa izinyembezi ngesilinganiso esikhulu.


Awuzukusivusa yini, sibuye siphile, ukuze abantu bakho bathokoze ngawe na?


Kodwa manje, Simakade, unguBaba, thina siyibumba, Wena ungumbumbi wethu, sonke singumsebenzi wesandla sakho.


ngaphandle uma ususilahle unomphelo, wasithukuthelela kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite