Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 73:7 - IsiZulu 2020

7 Amehlo abo aphinqekile ngukunona, imicabango yenhliziyo iyachichima.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Amehlo abo aphinqekile ngokunona; imicabango yenhliziyo iyachichima.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Amehlo abo agqamile ngamanoni; banokuningi okukufiswa yinhliziyo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 73:7
12 Referans Kwoze  

Bakhuluphele, bayacwebezela, yebo, ububi babo abunamkhawulo, abehluleli ngokulunga, abazimeli izintandane ukuba nazo ziphumelele, abawalweli amalungelo abampofu.


Zivalile izinhliziyo zazo, azinasihe, zikhuluma zizigqaja ngemilomo yazo.


ngokuba wasibekela ubuso bakhe ngamafutha akhe, wenza umvingqi okhalo lwakhe.


Bheka, laba bayizikhohlakali, bahlala bekhululekile, bandisa imfuyo.


“ ‘ “Nakhu okwakungukona kukadadewenu uSodoma: ukuzikhukhumeza, ukuba yisiminzi, nokunethezeka namadodakazi akhe; kodwa ababasizanga abampofu nabantulayo.


Ukubukeka kobuso babo kufakaza ngabo; izono zabo bazenza obala njengaseSodoma, abazifihli. Maye kubo! Ngokuba bazilethela ububi phezu kwabo.


Inhliziyo yabo ilukhuni, abezwa lutho, kodwa mina ngithokoza ngomthetho wakho.


nakubantu, ngesandla sakho, Simakade, abantu abasabelo sabo kulo mhlaba sikulokhu kuphila, nabazisu zabo uzigcwalisa ngalokho obabekele khona, nabashiyela izingane zabo okuningi okusele kubo.


U-Abhigayili wabuyela kuNabali; wafica enesiphihli sedili endlini yakhe, kungathi yidili lenkosi. Inhliziyo kaNabali yayithakasile ithe cosololo, ephuze kakhulu. U-Abhigayili akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni.


Kwakukhona umuntu eMahoni owayenemfuyo eKharmeli. Lowo muntu wayecebe kakhulu, enezimvu eziyizi-3 000 nezimbuzi eziyi-1 000. Izimvu zakhe wayezigundela eKharmeli.


Yathi kuHamani: “Isiliva ngelakho nabantu, yenza ngakho njengoba ubona kufanele.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite