Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 73:3 - IsiZulu 2020

3 Ngaba nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ababi bephumelela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba ngaba nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ukubusa kwababi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba ngaba nomhawu ngeziwula lapho ngibona ukuchuma kwababi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 73:3
14 Referans Kwoze  

Kungani izikhohlakali ziphila, zize zibe zindala, yebo, zidlondlobale zibe namandla na?


Wena, Simakade, ulungile, noma ngikumangalela. Nokho ngiyakukhuluma nawe ngokwehlulela: kungani indlela yezikhohlakali ichuma na? Kungani banethezeke abakhohlisi boqobo na?


Inhliziyo yakho mayingabi nomhawu ngezoni, kunalokho mesabe njalo uSimakade.


Thula phambi kukaSimakade, umlindele ngesineke; ungakhathazeki ngonempumelelo endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi.


Ungakhathazeki ngababi, ungabi namona ngabenza okungalungile,


Ungabi namhawu ngabantu ababi, ungafisi ukuba nabo.


Nicabanga ukuthi kuyize yini lokhu okushiwo wumbhalo, othi: “Umoya awubeka kithi uwunxanela ngomhawu” na?


Ungabi namhawu ngomuntu oyisidlova, ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe,


Amathende abaphangi anokuthula, abachukuluza uNkulunkulu balondekile, labo abaletha onkulunkulu babo ngezandla zabo.


Abaqotho badumele ngalokhu, ukuthi ongenacala uvukela ongenabunkulunkulu.


Umupha ukuvikeleka, ameseke; amehlo akhe asezindleleni zabo.


Izindlela zaso zethembekile izikhathi zonke; izehlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwaso; zonke izitha zaso uyazidelela.


Ngikubone konke kulokhu kuphila kwami okuyize: umuntu oqotho efela ebuqothweni bakhe, nomuntu omubi ephila isikhathi eside ebubini bakhe.


Kodwa manje sesithi babusisiwe abaziqhenyayo, impela labo abenza okubi bayaphumelela; nalabo abalinga uNkulunkulu bayaphunyuka.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite