Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 73:26 - IsiZulu 2020

26 Umzimba wami nenhliziyo yami kuyaphela, nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Inyama yami nenhliziyo yami kuyaphela, kepha uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 73:26
21 Referans Kwoze  

Ngosuku engakhala ngalo, wangiphendula; waqinisa umoya wami, ngaba namandla.


Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.


Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaSimakade. Inhliziyo yami nomzimba wami kuhuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.


Nkulunkulu, Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna. Umphefumulo wami womele Wena, umzimba wami ulangazelela Wena, ezweni eligagadekileyo, lapho kungekho khona amanzi.


Ngikhala kuwe Simakade, ngithi: “Wena uyisiphephelo sami nesabelo sami ezweni labaphilayo.”


Ngathi: “USimakade uyisabelo sami, ngakho-ke ngizokwethembela kuye.”


Lindela uSimakade, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi. Yebo, lindela uSimakade.


nakuba ngazi kahle ukuthi akusensuku zatshwala ngilishiye leli dokodo, njengalokhu neNkosi uJesu Khristu yangitshela ngokusobala.


Ngokuba kimina ukuphila kunguKhristu, ukufa kuyinzuzo.


USimakade uyisabelo sami; ngithi amazwi akho ngizowagcina.


Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angikwazi ukubona, ziningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, inhliziyo yami isiphelelwe yithemba.


Uzongibulala, angisenathemba, ngizozivikela izindlela zami, ngilubeke udaba lwami phambi kwakhe.


Onqobayo uyakudla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite