Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 73:23 - IsiZulu 2020

23 Kepha mina ngiyakube nginawe njalo, ungibambile ngesandla sami sokunene.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo; ungibambile ngesandla sami sokunene.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Kodwa mina nginani njalo; ungibambe ngesandla sokunene.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 73:23
14 Referans Kwoze  

Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho, okubamba ngesandla sakho sokunene, athi kuwe: ungesabi, ngiyakusiza.


Umphefumulo wami ubambelele kuwe, esokunene sakho singisekele.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Maningaphili ngokuthanda imali, yaneliswani ngeninakho, ngokuba Yena ushilo wathi: “Angisoze ngakulahla, futhi angisoze ngakushiya,”


Ngiyohlala njalo ngibheke kuwe Simakade, ngokuba Wena ungakwesokunene sami, angiyukuzanyazanyiswa.


Ngisho noma ngidabula emfundeni emnyama okwethunzi lokufa, angiyukwesaba ngozi, ngokuba Wena unami, intonga yakho nondondolo lwakho kuyangiduduza.


“Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”


Uma ewa, akayukufumbeka phansi, ngokuba uSimakade ubamba isandla sakhe.


“Bheka, inceku yami engiyesekayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; ngibekile umoya wami phezu kwakhe, uyakwenzela izizwe ubulungiswa.


Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Izingalo zababi zizophoqozwa, kodwa uSimakade uyabasimamisa abalungileyo.


Uma bengiyakuyibala, miningi kunesihlabathi; lapho ngivuka, bengiyakuba nawe.


Kwathi u-Abhrama eseneminyaka engama-99, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu uSomandla. Hamba phambi kwami ungenasici.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite