Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 73:19 - IsiZulu 2020

19 Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bafa, babhubha benovalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bashona, babhubha benovalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Yeka indlela ababhujiswa ngayo ngokuphazima kweso! baqedwa ngokuphelele yingebhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 73:19
18 Referans Kwoze  

Kwase kuhwaqabala ubuso bayo, imicabango yayo yayiyesabisa, kwaxega amanyonga okhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.


Kodwa ububi buyakukwehlela, awuyukwazi lapho buvela khona; nengozi iyakuwela phezu kwakho, awuyukuba namandla okuyivika; incithakalo iyokwehlela phezu kwakho ngokuzumayo, ungazi.


Izikhohlakali zibaleka noma kungekho ozixoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


ukuthi ukujabula kwezikhohlakali kufushane, nokuthokoza kwabangenankulunkulu kungokomzuzwana nje na?


Ukunkeneneza okwesabisayo kusezindlebeni zakhe, uyothi esahlezi enethezekile, kutheleke umphangi.


Ayomela kude ngenxa yokwesaba ukuhlupheka kwalo, athi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu waseBhabhiloni, muzi onamandla, ngokuba ukwehlulelwa kwakho kufike ngehora linye nje!’


Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.


Yena lowo esenikelwe ngesu elimisiwe phambilini nangokwazi kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala.


ngalokho lobu bubi buyofana nomfantu ovulekile obondeni oluphakemeyo, osekuseduze lubhidlike, oluyowa ngokuphazima kweso, kungalindele muntu.


Amabhodwe enu engakakuzweli ukushisa kwezinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza, noma zivutha.


Ingebhe iyasethusa nxazonke, isezithendeni zaso.


Ngokuphazima kweso, uSawule wayesewa walala cu emhlabathini, wesaba kakhulu ngenxa yamazwi ayeshiwo nguSamuweli. Akabanga namandla, ngoba wayengakaze akuthi mbibi ukudla lonke lolo lusuku nobusuku bonke.


“Zehlukaniseni kule nhlangano ukuze ngiyiqothule ngokuphazima kweso.”


Kwathi emveni kwezinsuku ezilishumi uSimakade wamshaya uNabali, wafa.


Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; kunjengezinhlanzi ezibanjwa enethini elinonya, nezinyoni ezibanjwa ogibeni; kanjalo nabantu babanjwa ogibeni olubi, oluyisikhathi esibafikela bengazelele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite