Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 73:1 - IsiZulu 2020

1 UNkulunkulu umnene impela ku-Israyeli, kulabo abanenhliziyo ehlanzekileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Impela uNkulunkulu umnene ku-Israyeli, kubo abanenhliziyo ehlanzekileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ihubo lika-Asafa. Yebo, uNkulunkulu muhle ku-Israyeli, kubo abahlanzekile enhliziyweni.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 73:1
24 Referans Kwoze  

Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo, ngokuba bayakumbona uNkulunkulu.


Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.


“Ungesabi, mhlambi omncane, ngokuba kuyintando kaYihlo ukuba aninike umbuso.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Sondelani kuNkulunkulu, naye uyakusondela kini. Hlanzani izandla, nina zoni, nihlambulule izinhliziyo, nina bonhliziyombili.


UJesu wambona uNathaniyeli eza kuye, wakhuluma ngaye wathi: “Nangu-ke umIsrayeli woqobo, ongenankohliso.”


wasisindisa; hhayi ngemisebenzi yokulunga esayenza, kodwa ngokwesihawu sakhe, ngokugezwa kokuphindu kuzalwa, ngokuba senziwe basha ngoMoya oNgcwele,


Ngalokho, kuya ngokukholwa ukuba kube ngokomusa, ukuze isithembiso siqiniseke enzalweni yonke, kungabi kweyomthetho kuphela, kodwa nakuleyo engeyokukholwa kuka-Abhrahama ongubaba wethu sonke,


UNkulunkulu uMninimandla wonke, uSimakade uyakhuluma, ubiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona.


UHezekiya, inkosi, nezikhulu bayala abaLevi ukuba badumise uSimakade ngamazwi kaDavide nangaka-Asafa, umboni. Badumisa ngokuthokoza, bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka.


Jerusalema, hlanza ububi obusenhliziyweni yakho, ukuze usindiswe. Kuyoze kube nini imicabango yakho emibi ihleli ezibilini zakho na?


Nkulunkulu, ungathuli, ungabi yisithulu, ungali ukukhuluma, Nkulunkulu.


Impela ubabeka ezindaweni ezibushelelezi, ubawise babe yincithakalo.


Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe.


Yilowo onezandla ezihlanzekileyo, nenhliziyo emsulwa, ongazibandakanyi nokungamanga futhi ongafungi ngenkohliso.


“Mina ngiyibekile inkosi yami, entabeni yami engcwele iZiyoni.”


UDavide wayeseshiya u-Asafa nabafowabo phambi komphongolo wesivumelwano sikaSimakade ukuba bakhonze njalo phambi komphongolo, ngokwenza imisebenzi yemihla ngemihla.


Ngalolo lusuku uDavide waqala ukuhlela ukuba uSimakade abongwe, kuhola u-Asafa nabafowabo.


AbaLevi base bebeka uHemani, indodana kaJoweli, nakubafowabo babeka u-Asafa, indodana kaBherekhiya, nasemadodaneni kaMerari, abafowabo, u-Ethani, indodana kaKhushaya.


Umfowabo u-Asafa wayemi ngakwesokunene sakhe; u-Asafa, kaBherekhiya, kaShimeya,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite