Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 72:16 - IsiZulu 2020

16 Makube khona inala yokudla ezweni, esiqongweni sezintaba, ukudla kwalo kuyohashazela njengeLebhanoni, abemizi bayokhahlela njengotshani bomhlaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kuyakuba khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba; ukudla kwalo kuyakuhashazela njengeLebanoni; abemizi bayakukhahlela njengotshani bomhlaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kuyakuba-khona isamba sikakolweni emhlabeni esiqongweni sezintaba; izithelo zawo ziyakuzamazama njengeLebanoni, nabasemzini bayokhahlela njengotshani bomhlaba.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 72:16
23 Referans Kwoze  

Emveni kwalokho ngabona: kwakunesixuku esikhulu esasingenakubalwa muntu sivela ezizweni zonke, emindenini, kubantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla.


Kodwa abaningi abalizwayo izwi bakholwa, babebalelwa emadodeni ayizi-5 000.


Ngakho-ke abalamukelayo izwi lakhe babhabhadiswa, kwanezelelwa ngalolo suku abantu okungathi bayizi-3 000.


Kwathi ngaleyo mihla, uPhethro wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasibuthene lapho kwakungathi yi-120, wathi:


Njengalokhu ibandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa abozalo lukaDavide, inceku yami, nabaLevi abangikhonzayo.’ ”


Luzokhahlela kakhulu luthokoze, lujabule, lugide. Inkazimulo yeLebhanoni izobuyiselwa kulo nobukhosi beKharimeli nobeSharoni. Bayakubona inkazimulo kaSimakade, ubukhosi bukaNkulunkulu wethu.


Nibusisiwe nina enitshala ngasemifuleni yonke, enivumela izinkabi nezimbongolo zihambe ngokukhululeka.


kuze kuthululelwe kithi uMoya ovela phezulu, ihlane liphenduke insimu yezithelo, nensimu yezithelo kuthiwe iyihlathi.


Uyonisa imvula embewini yenu eniyihlwanyela emhlabathini, aninike umhlabathi ovundileyo, uthele kakhulu, ube nokudla okuningi. Ngalolo lusuku imfuyo yenu iyoklaba emadlelweni abanzi.


ILebhanoni alizukuphenduka yini maduzane nje libe yinsimu yezithelo, kuthi nensimu yezithelo ibe yihlathi na?


Imithi kaSimakade iyasuthisa, imisedari eLebhanoni ayitshalileyo,


Mayifane njengemvula otshanini, nanjengesihlambi simatisa umhlaba.


Nakuba ukuqala kwakho kwakungokuncane, nokho ikusasa lakho liyokhula kakhulu.


Uyokwazi ukuthi izizukulwane zakho ziyakuba ziningi, nabozalo lwakho babe njengotshani emhlabeni.


OJuda no-Israyeli babebaningi ngangesihlabathi solwandle, bedla, bephuza, bejabula.


Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwena owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite