Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 72:14 - IsiZulu 2020

14 Iyokhulula impilo yabo kumcindezeli nonendluzula, igazi labo liyigugu emehlweni ayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakuba yigugu emehlweni ayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Iyakukhulula umphefumulo wabo enkohliso nasendluzuleni, igazi labo libe yigugu emehlweni akhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 72:14
16 Referans Kwoze  

Kuyigugu emehlweni kaSimakade, ukufa kwabangcwele bakhe.


ngokuba ziqotho, futhi zilungile izehlulelo zakhe, ngokuba usehlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindiselele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”


Sondela kuwo umphefumulo wami, uwuhlenge, ngikhulule ngenxa yezitha zami.


UDavide wabaphendula oRekhabhi noBhahana, umfowabo, amadodana kaRimoni waseBherothi, wathi kubo: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owuhlengile umphefumulo wami kulo lonke usizi.


Ngase ngibona owesifazane edakwe yigazi labangcwele negazi lofakazi bakaJesu. Ngamangala ngokumangala okukhulu.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


Uyomhlenga u-Israyeli kuzona zonke iziphambeko zakhe.


Nkulunkulu, khulula u-Israyeli kuzo zonke izinkathazo zakhe.


USawule wathi: “Ngonile; buya, ndodana yami, Davide, ngokuba angizukukulimaza futhi, njengoba ukuphila kwami kube yigugu emehlweni akho namuhla; ngenzise okwesiwula, ngidukile kakhulu.”


Ingelosi engihlenge ezingozini zonke, makabusise laba bafana, ukuze ngabo igama lami nelokhokho bami o-Abhrahama no-Isaka lichume njalo. Sengathi banganda babe baningi emhlabeni.”


Wathi: “Angizimisele neze, Simakade, ukuba ngenze lokhu; ngingaliphuza kanjani igazi lalaba bantu ababeke impilo yabo engcupheni?” Akavumanga ukuwaphuza. Yilezo-ke izinto ezenziwa yilawo maqhawe amathathu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite