Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 72:12 - IsiZulu 2020

12 Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngokuba uyosindisa ompofu lapho ebiza; nompofu nongenamsizi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 72:12
19 Referans Kwoze  

ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayo, nezintandane ezingenamsizi.


Wawunaka umkhuleko wabangenalutho, akaze awedelela umthandazo wabo.


Ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo laba abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephila ukuba abamele njalo.


Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.


Simakade, uyakuzwa ukukhala kokulangazelela kwabahluphekileyo. Ubanikeza ithemba, bese ukulalela ukukhala kwabo becela usizo;


Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu uKhristu ukuthi, ngenxa yenu waba mpofu nakuba ayecebile, ukuze ngobuphofu bakhe nina nicebe.


“UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, ukuvula amehlo ezimpumputhe, ukuhlenga abacindezelweyo,


“Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi, kodwa abawafumani, ulimi lwabo lugagadekile wukoma; Mina Simakade ngiyakubaphendula, Mina Nkulunkulu ka-Israyeli angiyukubashiya.


Mayivikele abantu abampofu, isindise abantwana babantulayo, iphohloze umcindezeli.


UJesu waphendula, wathi kuwo: “Hambani nilandise uJohane ngalokho enikubonileyo nenikuzwileyo, nithi: izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli.


ukuba ezwe ukububula kweziboshwa, akhulule labo abase beqonde ekufeni,


Kwaqoqana bonke abahluphekayo, abanezikweletu, nabo bonke abadabukile enhliziyweni, yena waba yinduna ebaphethe. Babebalelwa cishe ema-400.


Inkosi iyokuzwa, iyihlenge incekukazi yayo esandleni somuntu ofuna ukubhubhisa mina nendodana yami efeni, uNkulunkulu asabele lona.’


Ukhulula ompofu ngobuphofu bakhe, avule indlebe yabo ngokuhlupheka.


Ekuseni, emini nantambama ngizokhala kuye, ngibubule, uzolizwa izwi lami.


Olungileyo uyalazi ilungelo lompofu, kodwa omubi akaqondi lutho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite