Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 71:5 - IsiZulu 2020

5 Ngokuba Wena, Nkosi Simakade, uyithemba lami; ngethembele kuwe kwasebusheni bami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba wena uyithemba lami, Nkosi Jehova, ithemba lami kwasebusheni bami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba wena uyithemba lami, Nkosi Jehova, ithemba lami kwasebusheni bami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 71:5
21 Referans Kwoze  

“Ubusisiwe umuntu othembela kuSimakade, nothemba lakhe linguSimakade.


“Manje, Nkosi, ngisalindeleni na? Ithemba lami likuwe.


Nkulunkulu, wangifundisa kwasebusheni bami, namanje ngisamemezela ngemisebenzi yakho emangalisayo.


Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho; ngiyalethemba izwi lakho.


Ungabi ngongethusayo, ngokuba uyisiphephelo sami ngosuku lwenhlekelele.


Simakade, ngethemba insindiso yakho, futhi nemiyalo yakho ngiyayigcina.


Sengathi uNkulunkulu wethemba anganigcwalisa ngenjabulo yonke, nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nichichime ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.


Simakade, themba lika-Israyeli, bonke abakushiyayo bayakujabha; abasuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uSimakade, umthombo wamanzi aphilayo.


Themba lika-Israyeli, msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka; kungani unjengomfokazi ezweni, nanjengesihambi esingenise ukufihla ikhanda busuku bunye na?


nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu.


Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; umusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.


Kepha mina ngethembele emseni wakho, inhliziyo yami mayethabe ngensindiso yakho.


USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaSimakade wehlela ngamandla phezu kukaDavide, kusukela ngalolo lusuku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.


Bonke ababafumanayo babashwabadela; abamelene nabo bathi: ‘Asinacala, ngokuba yibo abonile kuSimakade; ikhaya labo lokulunga, uSimakade, ithemba lokhokho babo.’


Khumbula uMdali wakho ezinsukwini zobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, neminyaka ingakasondeli oyothi ngayo: “Angithokozi.”


Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe.


“Kuyakuthi sengikushiyile, uMoya kaSimakade ukuthathe ukuyise lapho ngingazi khona, lapho sengifika ngimbikela u-Ahabi, bese engakufumani, uyakungibulala, kepha mina, nceku yakho, ngiyamesaba uSimakade kwasebusheni bami.


Ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana, waqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakhe. Kwathi ngonyaka we-12, waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema, wasusa izindawo eziphakemeyo, o-Ashera, izithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite