Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 71:21 - IsiZulu 2020

21 Yandisa udumo lwami, ubuye ungiduduze.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Yandisa udumo lwami, ubuye ungiduduze.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Uyakwandisa ubukhulu bami, ungiduduze nxazonke;

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 71:21
16 Referans Kwoze  

Kwaba khona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaDavide nendlu kaSawule. UDavide wadlondlobala ngamandla, kodwa indlu kaSawule yaya ngokuya iba ntekenteke.


Ngibonise isibonakaliso somusa wakho, ukuze abangizondayo bakubone lokho, bajabhe, ngokuba Wena Simakade, uyangisiza, uyangiduduza.


Ngisho noma ngidabula emfundeni emnyama okwethunzi lokufa, angiyukwesaba ngozi, ngokuba Wena unami, intonga yakho nondondolo lwakho kuyangiduduza.


Kepha makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba ngoKhristu, nothaphukisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke.


Yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami, ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukwenza ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


Ngalolo lusuku uyothi: “Ngiyakubonga, Simakade, ngokuba ubungithukuthelele, kodwa intukuthelo yakho uyinqandile, wangiduduza.


Ziningi izinhlupheko zababi, kodwa umusa uyamhaqa owethemba uSimakade.


Wena unginike isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene singiphasile, ubukhona bakho bungenze ngaba mkhulu.


Jabulani mazulu, uthokoze nawe mhlaba, qhumukani zintaba, nihube, ngokuba uSimakade ubaduduzile abantu bakhe, unozwelo kwabahluphekileyo bakhe.


Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.


Wonke amakhosi ayokhothama phambi kwayo, zonke izizwe ziyikhonze.


Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Kodwa singambonga ngani uNkulunkulu ngokuthokoza konke esithokoza ngakho ngenxa yenu phambi kukaNkulunkulu wethu na?


Ngakho-ke siduduzekile, futhi ekududuzekeni kwethu sathokoza, ikakhulu ngenxa kaThithu omoya wakhe uhlunyeleliswe yinina nonke.


UNkulunkulu oduduza abadangeleyo, wasiduduza ngokufika kukaThithu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite