Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 71:18 - IsiZulu 2020

18 Nalapho sengimdala, sengiyimpunga, uze ungangishiyi, ukuze ngishumayele ubukhulu bakho kwabasazozalwa, namandla akho ezizukulwaneni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Futhi mawungangishiyi, nxa ngimdala, ngiyimpunga, ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane, amandla akho kubo bonke abezayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Manje noma sengimdala futhi ngimpunga, O Nkulunkulu, ungangishiyi; ngize ngiwazise amandla akho kulesi sizukulwane namandla akho kubo bonke abezayo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 71:18
16 Referans Kwoze  

Niyoze niguge nginguye, yebo, niyoze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.


Ungangilahli ngesikhathi sobudala, ungangishiyi lapho sengiluphele,


Asiyukubafihlela zona abantwana babo, kodwa siyotshela izizukulwane izibongo zikaSimakade, amandla akhe nemisebenzi emangalisayo ayenzileyo.


ukuze waziwe yisizukulwane esilandelayo, abantwana abayobazala nabo bavuke, batshele abantwana babo ngawo.


Bayokuza bamemezele ngokulunga kwayo kubantu abasazozalwa, babatshele ukuthi lokho kwenziwa yiyo.


Vuka, vuka, wembathe amandla, wena ngalo kaSimakade, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zasemandulo. Akuwena yini owamnquma kabili uRahabi, wagwaza udrago, na?


Kwathi nje ukuba aphathe igama lomphongolo kaNkulunkulu, u-Eli wawa nyovane esihlalweni sakhe eceleni kwesango, waphuka intamo, wafa, kwazise wayesemdala futhi ekhuluphele. Wayemahlulele u-Israyeli iminyaka engama-40.


“Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa kokhokho bakhe, wabona ukubola.


Ngubani owakholwa ngesikuzwileyo; ingalo kaSimakade yambulelwa bani na?


U-Eli wayeseneminyaka engama-98, amehlo akhe esenqundekile, engasaboni kahle.


Ngalolo lusuku uyoyitshela indodana yakho uthi: ‘Lokhu kungenxa yalokho uSimakade angenzela khona mhla ngiphuma eGibhithe.’ ”


Kwathi lapho u-Isaka esegugile, namehlo akhe esefiphele, engasaboni kahle, wabiza indodana yakhe endala, wathi: “Ndodana yami!” Yathi kuye: “Ngilapha.”


ukuthi impela lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu waphakade naphakade. Uzosihola kuze kube sekufeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite