Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 71:14 - IsiZulu 2020

14 Kepha mina ngizohlala ngikwethemba njalo, ngizokubonga ngingaphezi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Mina kodwa ngiyakwethemba njalo, ngengeze ukudumisa ekudunyisweni kwakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kodwa mina ngizakwethemba njalo njalo ngikudumisa njalo kakhulu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 71:14
14 Referans Kwoze  

U-Israyeli makethembe uSimakade, ngokuba umusa ukuSimakade, nokukhulula konke kukuye.


Bonke abanalelo themba kuye, bayazihlambulula, njengokuba Yena ehlambulukile.


Kuhle ukulindela ngokuthula ukusindisa kukaSimakade.


Ngancika kuwe kwasekuzalweni kwami, nguwe owangikhipha esibelethweni sikamame. Ukudumisa kwami njalo kungawe.


Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa uMsindisi wami, noNkulunkulu wami.


Ngakho-ke hluzani izingqondo zenu, nime ngomumo, nizithibe, niwethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa mhla kwembulwa uJesu Khristu.


Ngakho-ke ningayeki ukuba neqholo, elinomvuzo omkhulu.


Noma kunjalo ngisazoqhubeka ngibe nethemba, uma ngicabanga ngoSimakade.


Ikakhulukazi ngikhulekela ukuba uthando lwenu lwande kakhulu, lujule ekwazini nasekuqondeni konke,


Lokho niyakukwenza kubo bonke abazalwane abakulo lonke elaseMakhedoniya. Nokho bazalwane, siyanigqugquzela ukuba lokho nikwenze kakhulu.


Uzongibulala, angisenathemba, ngizozivikela izindlela zami, ngilubeke udaba lwami phambi kwakhe.


Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.


Ngathi: “USimakade uyisabelo sami, ngakho-ke ngizokwethembela kuye.”


USimakade muhle kulowo omlindelayo, kulowo omfunayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite