Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 69:3 - IsiZulu 2020

3 Ngikhathele wukukhala, umphimbo wami ugagadekile. Amehlo ami anqundekile ngukulindela uNkulunkulu wami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngikhathele ukukhala kwami, umphimbo wami ushile; amehlo ami ayafiphala ekulindeleni uNkulunkulu wami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngikhathele ukukhala kwami, umphimbo wami womile, amehlo ami afiphele lapho ngilindela uNkulunkulu wami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 69:3
18 Referans Kwoze  

Ngikhathele ngenxa yokububula kwami. Ngimantisa umbhede wami njalo ebusuku, ngincibilikisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.


Njengenkonjane noma indwa ngiyatshiyoza, ngiyakhala njengejuba; amehlo ami akhathele ukubheka phezulu; Nkosi, ngicindezelwe, yiba lusizo lwami.”


Amehlo ami alangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho.


Amehlo ami alangazelela izwi lakho, ngithi: “Uyakungiduduza nini na?”


Amadodana akho namadodakazi akho ayakunikwa ezinye izizwe, ubuka ngamehlo akho, uyofisa ukuwasiza usuku lonke, kodwa isandla sakho singabi namandla okwenza utho.


Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Emva kwalokho, uJesu azi ukuthi konke sekuphelelisiwe, ukuba kugcwaliseke umbhalo, wathi: “Ngomile.”


Amehlo ami akhathele ukukhala, kuphethuka izibilini zami; ngiphelelwe yithemba ngenxa yokubhujiswa kwabantu bakithi, nokuquleka kwezingane nabancelayo emigwaqweni yomuzi.


Banginika inyongo ibe ngukudla kwami, ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.


“Manje, Nkosi, ngisalindeleni na? Ithemba lami likuwe.


Ukulunga nobuqotho makungilondoloze, ngokuba ngethembele kuwe.


Umlomo wami wome njengodengezi, ulimi lunamathele olwangeni; ungilalise othulini lokufa.


Nkulunkulu wami, ngikhala emini, kepha awuphenduli, nasebusuku, ngingabi nakuthula.


Ubuso bami buklwele babomvu ngukukhala, kunobumnyama obukhulu ezinkopheni zami,


Kepha amehlo ezikhohlakali ayakufiphala; ayiyukuba bikho nendawo yokuphephela; ithemba lazo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”


Wabeka iculo elisha emlonyeni wami, ihubo lokudumisa uNkulunkulu wami, abaningi bayokubona lokho, besabe, bese bethembela kuSimakade.


Ukuthukuthela kwakho kuphezu kwami; ungishaye ngamadlambi akho wonke. Sela


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite