Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 68:5 - IsiZulu 2020

5 UnguYise wezinkedama, nomvikeli wabafelokazi; unguNkulunkulu osendaweni yakhe yokuhlala engcwele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 uyise wezintandane, umahluleli wabafelokazi, uNkulunkulu endlini yakhe engcwele,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Uyise wezintandane nomahluleli wabafelokazi nguNkulunkulu endlini yakhe engcwele.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 68:5
26 Referans Kwoze  

Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.


Zishiye izintandane zakho, Mina ngizozigcina ziphilile; abafelokazi bakho mabethembele kimi.”


Izintandane nomfelokazi ubenzela ubulungiswa. Uyathanda umfokazi, umnika ukudla nezingubo.


Bakhuluphele, bayacwebezela, yebo, ububi babo abunamkhawulo, abehluleli ngokulunga, abazimeli izintandane ukuba nazo ziphumelele, abawalweli amalungelo abampofu.


USimakade uyabavikela abafokazi, asize intandane nomfelokazi, kodwa abhuntshise indlela yezikhohlakali.


Izikhulu zakho zingabahlubuki nabangani bamasela; bonke bathanda ukufunjathiswa, balandela izipho nemivuzo. Abazivikeli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


Mayivikele abantu abampofu, isindise abantwana babantulayo, iphohloze umcindezeli.


umela izintandane nabacindezelweyo, ukuze kungabi bikho namunye emhlabeni, ozoba yingozi komunye.


Kepha mina ngikwakhele indlu yokuphakama kwakho, indawo oyakuhlala kuyo kuze kube phakade.”


Ngakho-ke yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo,


Usho kanje uSimakade, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iyiphi leyo ndlu eniyakungakhela yona, iyiphi indawo yami yokuphumula na?


Iyokwehlulela isizwe sakho ngeqiniso, nabampofu bakho, ngobulungiswa.


Esesihlalweni sakhe sobukhosi, ubabuka bonke abakhileyo emhlabeni,


Kwase kusukuma abaphristi nabaLevi babusisa abantu; izwi labo lezwakala, nomkhuleko wabo wafika endaweni kaSimakade engcwele, ezulwini.


I-Asiriya aliyukusisindisa, ngeke siwagibele amahhashi, asisayukusho futhi kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi onkulunkulu bethu, ngokuba nguwe ohawukela intandane.”


Bheka phansi usendaweni yobungcwele bakho emazulwini, ubusise abantu bakho u-Israyeli nomhlaba osinike wona njengokufunga kwakho kokhokho, izwe elichichima ubisi noju.’


UNkulunkulu wabuye wathi kuMose: “Uyakusho kubantu bakwa-Israyeli uthi: ‘USimakade uNkulunkulu woyihlo, uNkulunkulu ka-Abhrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe ungithumile kini.’ Leli yigama lami kuze kube phakade, engiyakukhunjulwa ngalo ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Ngivuleleni amasango okulunga, ngingene ngawo, ngimdumise uSimakade.


Konke okuphefumulayo makudumise uSimakade. Haleluya!


Ngalolo lusuku niyothi: “Bongani uSimakade, nibize igama lakhe, nazise phakathi kwezizwe izenzo zakhe, nimemezele ukuthi igama lakhe liphakeme.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite