Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 68:35 - IsiZulu 2020

35 Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele, uNkulunkulu ka-Israyeli abantu bakhe ubapha amandla nezikhwepha. Makadunyiswe uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele; uNkulunkulu ka-Israyeli nguyena owenzela abantu amandla nokuqina; makadunyiswe uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

35 O Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele; uNkulunkulu ka-Israyeli nguye onika abantu bakhe amandla namandla. Ubusisiwe uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 68:35
23 Referans Kwoze  

USimakade uzokupha abantu bakhe amandla. USimakade uzobusisa isizwe sakhe ngokuthula.


Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni, Nkulunkulu wensindiso yethu. Wena uyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba nelolwandle olukude,


niqiniswe ngokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, ukuze nikwazi ukuqinisela kukho konke, nibekezela ngokujabula,


Nguye opha oyethileyo amandla, andise izikhwepha kongenamandla.


Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.


Wozani nibone ukuthi uNkulunkulu wenzeni, akwenzayo kuyesabeka phakathi kwabantu.


Ngiyakubaqinisa kuSimakade; bahambe egameni lakhe,” kusho uSimakade Wamabandla.


Ngathi: “Ngiyakunxusa Simakade, Nkulunkulu wezulu, Wena omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nothando olungenambandela kulabo abakuthandayo, begcina imithetho yakho.


ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuba niqiniswe emandleni kumuntu wangaphakathi ngoMoya wakhe.


Kumemezeleni, nikuveze; yebo, mabaxoxe. Ngubani owakubikezela lokhu endulo, wakumemezela esikhathini sasemandulo na? AkusiMina Simakade na? Akekho uNkulunkulu ngaphandle kwami, uNkulunkulu olungileyo noMsindisi, akekho ngaphandle kwami.


kepha abamethembayo uSimakade bayakuthola amandla amasha, bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.


Unquma umoya wezikhulu, uyesabeka emakhosini omhlaba.


Makabongwe uNkulunkulu ongawenqabanga umkhuleko wami, noma wasisusa isihawu sakhe kimi.


Ngokuba uSimakade Ophezukonke uyesabeka, uyiNkosi enkulu phezu komhlaba wonke.


Gibela ebukhosini bakho ngokunqoba, ngenxa yeqiniso, ukuthobeka nokulunga; isandla sakho sokunene masikufundise izenzo ezimangalisayo.


Imigoqo yakho ingeyensimbi nethusi, njengoba zinjalo izinsuku zakho; ayoba njalo namandla akho.’


UMose nabantu bakwa-Israyeli bahuba leli hubo kuSimakade, bathi: “Ngizohlabelela kuSimakade, ngokuba uphakeme kakhulu, ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.


“Akekho ofana noNkulunkulu, Jeshuruni, ogibela amazulu ukuzokusiza, namafu ngobukhosi bakhe.


Ngasenyakatho kuqhamuka inkazimulo yegolide, uNkulunkulu wembethe ubukhosi obesabekayo.


Mnikeni udumo uSimakade, nina zidalwa zezulu. Mnikeni uSimakade udumo, inkazimulo namandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite