Usho kanje uSimakade, uthi: “Ingcebo yaseGibhithe nokuzuziweyo kwaseKhushe, nangamaShebha, abantu abade; kuyakuza kuwe, kube ngokwakho; bayakukulandela, bafike beboshwe ngamaketanga; bakukhothamele, bakhuleke kuwe, bathi: ‘UNkulunkulu unani kuphela, akekho omunye, akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakhe.’ ”