Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 68:27 - IsiZulu 2020

27 Nango uBhenjamini ongomncinyane kubo bonke, uyababusa, izikhulu zakwaJuda zingumzimba, nezikhulu zakwaZebuloni nezakwaNafethali.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Nango uBenjamini, omncane, umbusi wabo, neviyo lezikhulu zakwaJuda, izikhulu zakwaZebuloni nezikhulu zakwaNafetali.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Kukhona uBenjamini omncane kanye nabaholi babo, izikhulu zakwaJuda nomkhandlu wabo, izikhulu zakwaZebuloni nezikhulu zakwaNafetali.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 68:27
17 Referans Kwoze  

USawule waphendula wathi: “Angisiye yini owakwaBhenjamini, isizwana esincane ezizwaneni zakwa-Israyeli na? Umndeni wami awumncane yini kuyo yonke imindeni yezizwana zakwaBhenjamini na? Ukhulumelani kimi ngale ndlela na?”


Umona ka-Efrayimi uyophela, nalabo abahlukumeza uJuda bayakunqunywa; u-Efrayimi akaseyukuba nomona ngoJuda, noJuda akaseyukumhlukumeza u-Efrayimi.


UGileyadi noManase bangabami, u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa.


Izikhulu zabantu zibuthene, zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abhrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu, uphakeme kakhulu.


U-Abhiyezeri, umAnathothi wakwaBhenjamini, wayengamele abangena ngenyanga yesishiyagalolunye; esigabeni sakhe kukhona abayizi-24 000.


UDavide waqoqela ndawonye eJerusalema wonke u-Israyeli ukuba kukhushulwe umphongolo kaSimakade uyiswe endaweni awulungiselele yona.


Kwabozalo lukaBhenjamini, abafowabo bakaSawule, kwakuyizi-3 000, ngokuba kuze kube namuhla iningi labo lisathembekile endlini kaSawule.


Abanye bozalo lukaBhenjamini nabakwaJuda bafika kuDavide esenqabeni.


USimakade wabanqoba abakwaBhenjamini phambi kuka-Israyeli. Abakwa-Israyeli babhubhisa amadoda akwaBhenjamini ayizi-25 100, wonke ayehlome ngenkemba.


UZebuloni yisizwe samadelakufa, noNafethali ngokunjalo, ezindaweni eziphakemeyo zezwe.


Siyizelamani ezili-12, amadodana endoda eyodwa, enye ayisekho, uthunjana kumanje usele nobaba eKhanani.’


Esizwaneni sakwaBhenjamini: ngu-Elidadi, indodana kaKhisiloni.


U-Abhineri wakhuluma futhi nabakwaBhenjamini; wayesuka eyotshela uDavide eHebhroni ngakho konke okuhle u-Israyeli nabo bonke abendlu yakwaBhenjamini ababezimisele ukukwenza.


Unyawo lwami lumi endaweni ehlelembekile; ngisebandleni, ngizomdumisa uSimakade.


“Yizwa lokhu wena ndlu kaJakobe, obizwa ngegama lika-Israyeli, ovela okhalo lukaJuda, ofunga igama likaSimakade, nobiza uNkulunkulu ka-Israyeli kungengaqiniso nakulunga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite