Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 68:21 - IsiZulu 2020

21 Kepha uNkulunkulu uzophohloza amakhanda ezitha zakhe, ukhakhayi lwalowo onesihluthu ohamba ezindleleni zokona kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Impela uNkulunkulu uyakuliphohloza ikhanda lezitha zakhe, ukhakhayi olunesihluthu lwalowo osahamba ezonweni zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kodwa uNkulunkulu uyochoboza ikhanda lezitha zakhe nokhakhayi olunoboya lwalowo osaqhubeka ezonweni zakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 68:21
15 Referans Kwoze  

Uphumele ukusindiswa kwabantu bakho, ukusindiswa kogcotshiweyo wakho; uphohloza umholi endlini yababi, umhlubule kusukela phansi kuze kube sentanyeni. Sela


Iyakwehlulela phakathi kwabezizwe, kugcwale izidumbu, ichoboze amakhanda ezizweni eziningi.


Uma umuntu engaphenduki, uyolola inkemba yakhe, uwukhokhile umnsalo wakhe, wama ngomumo,


Ngithi akunjalo: kodwa uma ningaphenduki niyakubhubha nonke njengabo.”


Qaphelani ukuba ningamchithi okhulumayo; ngokuba labo abamchithayo lowo owayebaxwayisa emhlabeni, abazange baphunyuke, kakhulu kangakanani-ke thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini ukuba singaphunyuka na?


Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.


Waphinda wathumela enye inceku kubo; yona bayilimaza ekhanda, futhi bayichapha ngenhlamba.


Wena wenyukele phezulu, wathumba abathunjiweyo, wapha abantu izipho, nakulabo abebehlubukile, ukuze uSimakade uNkulunkulu ahlale khona.


Kepha uMose wathi kubantu: “Ningesabi, qinani, nibone ukukhululwa uSimakade azonenzela khona namuhla; ngokuba laba baseGibhithe enibabona namuhla anisayukuphinde nibabone naphakade.


Ngokuba nguYena oyokuhlenga ogibeni lomcuphi nasobhubhaneni,


UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite