Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 68:16 - IsiZulu 2020

16 Kungani nina zintaba ezimagqumagquma nibuka, niyibuka ngonya intaba uNkulunkulu athanda ukuhlala kuyo na? Yebo, uSimakade uzohlala kuyo kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Nina zintaba ezineziqongo, yini ukuba niyibuke ngomhawu intaba uNkulunkulu athanda ukuhlala kuyo na? Yebo, uJehova uyakuhlala kuyo kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Nigxumelani nina zintaba eziphakemeyo? iyigquma uNkulunkulu afuna ukuhlala kulo; yebo, uJehova uyakuhlala kulo kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 68:16
10 Referans Kwoze  

Kepha indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha, kuzo zonke izizwe zenu, ukuba abeke igama lakhe lihlale kuyo, leyo ndawo niyakuyifuna, niye kuyo,


Kuyothi ngezinsuku zokugcina, intaba yendlu kaSimakade imiswe njengephakeme kunezintaba, iphakame kunamagquma; zonke izizwe ziyakugobhozela kuyo.


Ninani zintaba ukuba nitshekule njengezinqama, nani magquma, njengamawundlu na?


Izintaba zatshekula njengezinqama, amagquma, njengamawundlu.


USimakade wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa onxuse ngakho phambi kwami. Ngiyibusisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke igama lami kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuhlala kuyo zonke izinsuku.


Kuyokuthi indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale kuyo igama lakhe, nikuyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wokuphakanyiswa womkhiqizo wenu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite