Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 68:10 - IsiZulu 2020

10 Ibandla lakho lakha kulo, ngobuhle bakho, wabalungisela abahluphekayo, Nkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ibandla lakho lakha kulo; ngobuhle bakho wabalungisela abahluphekayo, Nkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ibandla lakho lahlala kulo; Wena, Nkulunkulu, ubalungiselele abampofu ngobuhle bakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 68:10
18 Referans Kwoze  

Ungawunikeli umphefumulo wejuba lakho esilwaneni; ungakhohlwa ukuphila kwezihlupheki zakho.


Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bashunyayezwa ivangeli.


Makungabi njengabazenza amakhosi phezu kwalabo enibaphathisiwe ukubanakekela, kodwa nibe yizibonelo emhlanjini.


Usuthisile abalambileyo ngezinto ezinhle, abacebileyo wabahambisa bevathazela.


Noma ashaya idwala kwaphuma amanzi, kwampompoza imifula; angabapha yini isinkwa noma abahlinzeke ngenyama abantu bakhe na?”


Uhambela umhlaba, unisa imvula, uwuvundisa kakhulu, umfula kaNkulunkulu ugcwele amanzi, abantu ubalungisela ukudla.


Uyamvusa ompofu othulini, uyayiphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izisekelo zomhlaba zingezikaSimakade; ubekile izwe phezu kwazo.


Wena uyophendula phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Ukhokho wami wayengumAramu owayezulazula, wehlela eGibhithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe esikhulu khona, esinamandla nesiningi.


Bahlanganyela uMose no-Aroni, bathi kubo: “Sekwanele, yonke inhlangano ingcwele, futhi uSimakade uphakathi kwayo; niziphakamiselani phezu kwenhlangano kaSimakade na?”


mawuzwe Wena usezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho u-Israyeli, lapho ubafundisa indlela enhle abayakuhamba ngayo, uthumele imvula ezweni lakho obanike lona abantu bakho ukuba libe yifa labo.


Umatisa imisele yawo, ulalise amasoyi awo, uwuthambise ngezihlambi, ubusise okumila kuwo.


Unyaka uwuhlobisa ngobumnene bakho, imikhondo yakho iconsa amafutha.


Nguye opha oyethileyo amandla, andise izikhwepha kongenamandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite