Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 66:9 - IsiZulu 2020

9 olonda ukuphila kwethu, ongavumanga ukuba izinyawo zethu zishelele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 ogcina umphefumulo wethu ekuphileni, engaluvumeli unyawo lwethu lushelele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ogcina umphefumulo wethu uphila, ongavumeli izinyawo zethu zikhubeke.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 66:9
13 Referans Kwoze  

Akayukuluvumela unyawo lwakho lushibilike; okulondayo akozeli.


Akayukunyakaziswa kuze kube phakade, olungileyo uyohlala ekhunjulwa kuze kube phakade.


Lapho ngithi unyawo lwami lushibilikile, umusa wakho, Simakade, wangiphasa.


‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokhu izimbongi ezithile zakini zishilo zathi: “ ‘Ngokuba futhi sibozalo lwakhe.’


Ngokuba intonga yezikhohlakali ayinakuhlala phezu kwesabelo sabalungileyo, funa abalungileyo benze okungalungile ngezandla zabo.


NguYena kuphela oyidwala lami nensindiso yami; inqaba yami, angisoze nganyakaziswa.


Bonke abomhlaba abacebileyo bayokudla, badumise, nalabo asebewuthuli othulini, bayokhothama phambi kwakhe, ngisho nalowo ongenakuwugcina umphefumulo wakhe uphilile.


Noma kusukuma umuntu ukuba akuxoshe efuna impilo yakho, umphefumulo wenkosi yami uyobe uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuSimakade uNkulunkulu wakho. Imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.


NguYena kuphela oyidwala lami, nensindiso yami, nenqaba yami; angiyukunyakaziswa.


Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite