Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 66:3 - IsiZulu 2020

3 Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ubukhulu bemisebenzi yakho! Ngenxa yobukhulu bamandla akho, izitha zakho ziyothoba phansi kwakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho. Ngenxa yobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Yishoni kuNkulunkulu ukuthi: “Yeka ukwesabeka kwakho emisebenzini yakho! ngobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba kuwe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 66:3
19 Referans Kwoze  

Banele ukungizwa nje, bangilalela; abantwana babafokazi bayathoba phansi kwami.


Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni, Nkulunkulu wensindiso yethu. Wena uyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba nelolwandle olukude,


Abazonda uSimakade bayakuzithoba kuye, ukubhujiswa kwabo kube phakade.


Ngokuba uSimakade Ophezukonke uyesabeka, uyiNkosi enkulu phezu komhlaba wonke.


Kepha uSimakade unguNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu ophilayo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe, umhlaba uyazamazama; izizwe azinakumelana nolaka lwakhe.


Abantu bayongena emigedeni esemadwaleni, nasemigodini emhlabathini, bebalekela ukwesabeka kukaSimakade nenkazimulo yobukhosi bakhe, lapho ephakama ukuthuthumelisa umhlaba.


Lapho wenza izinto ezimangalisayo esasingazilindele, wehla; izintaba zathuthumela phambi kwakho.


Unquma umoya wezikhulu, uyesabeka emakhosini omhlaba.


Zikhuze izilwane ezihlala emhlangeni, imihlambi yezinkunzi namankonyane ezizwe, ukuze beze bakukhothamele bonke, bethule kuwe izinhlamvu zesiliva, uhlakaze izizwe ezithokozela ukulwa.


UMiriyamu wahlabelela wathi: “Hlabelelelani uSimakade, ngokuba uphakeme kakhulu, ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.”


“Ukubusa nokwesabeka kukuye, nguye owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.


Abafokazi babuna, baphuma ezinqabeni zabo begubhazela.


Ngakho-ke izizwe ezinamandla ziyokudumisa, imizi yezizwe ezinonya ikwesabe.


Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odale lezo zinto na? Nguye okhipha amaviyo azo, awabale; azibize zonke ngamagama. Ngokuba unamandla amakhulu nezikhwepha zakhe zinkulu, yingakho kungasilele neyodwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite