Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 66:2 - IsiZulu 2020

2 Hubelani udumo lwegama lakhe, nimnike udumo nimbonga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Hlabelelelani inkazimulo yegama lakhe, nibabaze ukudunyiswa kwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Hlabelelani inkazimulo yegama lakhe, khulisani udumo lwakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 66:2
17 Referans Kwoze  

Ngase ngizwa zonke izidalwa ezulwini, emhlabeni, phansi komhlaba, nasolwandle, zonke zithi: “KuYena ohleli esihlalweni sobukhosi nakuyo iMvana; makube udumo, inkazimulo, namandla, kuze kube phakade naphakade.”


Jabulani mazulu, uthokoze nawe mhlaba, qhumukani zintaba, nihube, ngokuba uSimakade ubaduduzile abantu bakhe, unozwelo kwabahluphekileyo bakhe.


Mabamnike uSimakade udumo, bamemezele udumo lwakhe eziqhingini.


Mabanikele iminikelo yokubonga, balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.


AbaLevi: uJeshuwa, uKadimiyeli, uBhani, uHashabhineya, uSherebhiya, uHodiya, uShebhaniya noPhethahiya, bama kwenye indawo ephakeme, bamemeza bathi: “Sukumani nidumise uSimakade uNkulunkulu wenu, kusukela phakade, kuze kube phakade.” “Malibongwe iGama lakho elidumisekayo neliphakeme phezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.”


Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.


Ngubani ongalanda ngezenzo zamandla kaSimakade, ezwakalise lonke udumo lwakhe na?


Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu, ngenxa yenkazimulo yegama lakho, usikhulule, usithethelele izono zethu ngenxa yegama lakho.


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, okunguYena kuphela owenza izimangaliso.


Elinye lamemeza kwelinye, lathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uSimakade Wamabandla, wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.”


yona ekhwela phezu kwamazulu aphezulu asendulo, iyezwakalisa izwi layo, izwi elinamandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite