Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 66:13 - IsiZulu 2020

13 Ngizongena endlini yakho neminikelo yokushiswa, ngizifeze izifungo engazenza kuwe,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa; ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa; Ngizokugcwalisa izifungo zami kuwe,

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 66:13
19 Referans Kwoze  

Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, nasemagcekeni akhe ngokudumisa, mbongeni, nidumise igama lakhe.


Nkulunkulu, izifungo zami zingibophezele kuwe, ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.


Ngakho-ke ngaye, masinikele umhlatshelo wokudumisa kuNkulunkulu, okuyisona sithelo sezindebe zomlomo wethu, sivume igama lakhe.


Uma wenza isifungo kuNkulunkulu ungephuzi ukusifeza, ngokuba akazithokozeli iziwula. Sifeze isifungo sakho.


Ngivuleleni amasango okulunga, ngingene ngawo, ngimdumise uSimakade.


Ngiyakufeza izithembiso zami kuSimakade, yebo, naphambi kwabo bonke abantu bakhe.


Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho Juda, feza izifungo zakho, ngokuba omubi akasayukudabula futhi kuwe. unqunywe ngokupheleleyo.


Kepha mina ngiyakuletha umhlatshelo, ngihuba amahubo okudumisa, ngiyakufeza izithembiso zami, ngokuba insindiso ivela kuSimakade.”


USimakade unguNkulunkulu, usikhanyisele, hlobisani umkhosi ngamahlamvu, kuze kube sezimpondweni ze-althare.


Ukudumisa kwami kuyakuvela kuwe ebandleni elikhulu, izithembiso zami ngiyozifeza phambi kwalabo abamesabayo.


Kepha uma ungenzi sifungo, akuyukuba yisono kuwe.


Amazwi omlomo wakho uyakuwagcina, uyoqikelela ukuba wenze njengalokhu wethembisile kuSimakade uNkulunkulu wakho, isithembiso osenze ukhululekile futhi ungaphoqiwe, wasiphumisela ngomlomo wakho.


“Uma ungena esivinini sikamakhelwane wakho, uyakudla izithelo zomvini ngokuthanda kwakho, uzanelise, kepha ungazifaki esitsheni sakho.


Lapho eyibona, waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Hawu, ndodakazi yami, waze wangilaya, wangibangela ukuhlupheka okukhulu. Phela ngivule umlomo wami ngakhuluma kuSimakade, manje angisakwazi ukusihoxisa isifungo sami.”


Uyakukhuleka kuye, akuzwe, wena ufeze izithembiso zakho.


Wena oyizwayo imikhuleko, bonke abantu beza kuwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite