Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 66:10 - IsiZulu 2020

10 Ngokuba Wena, Nkulunkulu, usivivinyile, wasihlanza njengalokhu kuhlanzwa isiliva.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile, wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngokuba wena, Nkulunkulu, usivivinyile; Usivivinyile njengokuvivinywa kwesiliva;

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 66:10
11 Referans Kwoze  

Bheka, ngikucwengisisile, kodwa hhayi njengesiliva; ngakuvivinya esithandweni sezinhlupheko.


Uyivivinyile inhliziyo yami, wangihambela ebusuku; uyangihlolisisa, kepha awufumani lutho; nginqumile ukuba ngingoni ngomlomo wami.


Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando somlilo ngesegolide, kepha nguSimakade ovivinya izinhliziyo.


“Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma nginjengegolide.


Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”


aniyukuwalalela amazwi alowo mphrofethi, noma lowo ophupha amaphupho, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu uyakunilinga ukuba azi ukuthi niyamthanda yini uSimakade uNkulunkulu wenu ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu, na?


Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha.


Wakupha imana ehlane, okhokho bakho ababengayazi, ukuze akuthobise, akuvivinye, kuthi ekugcineni akwenzele okuhle.


Susa amanyela esiliveni ukuze umkhandi athole azokwakha ngakho isitsha.


Siyakuhlala sicwengisise, sihlanze isiliva. Siyakuhlanza abaLevi sibacwenge njengegolide nesiliva, ukuze banikele iminikelo kuSimakade ngokulunga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite