Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 63:3 - IsiZulu 2020

3 Ngokuba umusa wakho muhle kunokuphila, izindebe zomlomo wami zizokudumisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila; izindebe zami ziyakukudumisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngoba umusa wakho ungcono kunokuphila, izindebe zami zizakudumisa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 63:3
19 Referans Kwoze  

Ngiphendule, Simakade, ngokuba umusa wakho muhle, ngokwesihawu sakho esikhulu, phendukela ngakimi.


Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho.


Manje ngimanqikanqika; nginesifiso sokumuka ngibe noKhristu, ngokuba yilokho okuhle kakhulu;


Ngakho-ke ngaye, masinikele umhlatshelo wokudumisa kuNkulunkulu, okuyisona sithelo sezindebe zomlomo wethu, sivume igama lakhe.


Ngokuba intukuthelo yakhe ingeyesikhashana, umusa wakhe umi ingunaphakade. Ukulila kungadonsa kuze kuhlwe; injabulo iqhamuke ekuseni.


Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mngcweliseni uNkulunkulu emizimbeni yenu.


Ngakho-ke ngiyanincenga bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandekayo kuNkulunkulu; kube ngukukhonza kwenu ngokomoya.


Ngikhulumisa okomuntu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu. Ngokuba njengalokhu nanikela izitho zenu ukuba zibe yizinceku zamanyala, nokungalungi kwaba ngukungalungi; kanjalo nikelani manje izitho zenu zibe yizinceku zokulunga, kube ngukungcweliswa.


ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungaphezi. Simakade, Nkulunkulu wami, ngizokubonga kuze kube phakade.


Thathani amazwi, nibuyele kuSimakade, nithi kuye: “Thethelela zonke iziphambeko, uthathe amazwi ethu, ukuze sinikele ngemilomo yethu ibe njengemihlatshelo yezinkunzi.


Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kodwa akukabonakali esiyakuba yikho. Nokho siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.


Ngakhala kuye, nginxusa, ukudumisa kwakusolimini lwami.


Ngokuba uyibeke ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyenza ithokoze, ijabule ngobukhona bakho.


Baningi abathi: “Ngubani oyakusenzela okuhle na?” Simakade, phakamisela ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.


UMose wathi: “Ngiyakuncenga, ake ungibonise inkazimulo yakho.”


Umphefumulo wami womele uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo, ngiyakufika nini ngibonakale phambi kukaNkulunkulu na?


Phambili kuhamba abahlabeleli, emuva abashaya ugubhu, phakathi yizintombi ezishaya izigubhu.


Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe, amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite