Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 62:9 - IsiZulu 2020

9 Abantukazana bangumoya nje, nezikhulu zingamabunga, uma bekalwa isilinganiso siyenyuka, kodwa bonke balula kunomoya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Abantwana babantu bangumoya nje, abantwana bezikhulu bangamanga; esilinganisweni bayakhuphuka, balula kunomoya bonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngempela, abantu abaphansi bayize, nabantu abaphakeme bangamanga;

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 62:9
25 Referans Kwoze  

Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla, imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe, impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela


Zonke izizwe ziyinto engelutho phambi kwakhe, uzithatha njengento engelutho neyize.


Impela, izizwe zinjengethonsi esitsheni, zifana nothuli esikalini; uyakuphakamisa iziqhingi njengothuli olucolisekileyo.


Kuhle ukuphephela kuSimakade, kunokwethemba izikhulu.


Umuntu uyamjezisa ngenxa yesono sakhe, lokho okuligugu kuye, ukudla njengobuvunya, kuphele nya, wonke umuntu ungumoya nje. Sela


Phinde, neze, kepha makwazeke ukuthi: uNkulunkulu uqinisile, kodwa bonke abantu bangabaqambimanga, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho, unqobe ekwahlulelweni kwakho.”


Ngisosizini, ngathi: “Bonke abantu banamanga.”


Kwabikwa kuDavide ukuthi: “U-Ahithofeli uphakathi kwabozungu luka-Absalomu.” Wayesethi uDavide: “Simakade, ake uwenze inhlekisa amasu ka-Ahithofeli.”


U-Absalomu wayenza kanjalo kubo bonke abakwa-Israyeli ababeza enkosini ngamacala. U-Absalomu wazeba kanjalo-ke izinhliziyo zabantu bakwa-Israyeli.


Wayesethi uDavide: “Abantu baseKheyila bayakungikhaphela yini mina nabantu bami esandleni sikaSawule na?” Wathi uSimakade: “Bayakukukhaphela.”


UDavide wayeya noma kuphi lapho uSawule ayemthuma khona, wayehlabana. USawule wambeka ukuba aphathe amabutho. UDavide wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.


Kepha bamemeza, bathi: “Msuse, msuse, mbethele esiphambanweni!” Wathi kubo uPilatu: “Ngibethele inkosi yenu na?” Abaphristi abakhulu baphendula, bathi: “Asinayo inkosi, kuphela uKhesari.”


Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zazimemeza zithi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiswe ozayo egameni leNkosi. Hosana kweliphezulu!”


TEKEL: ulinganisiwe esilinganisweni, ufunyenwe ulula.


Abesifazane bahlabelela bedlalisela, bethi: “USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kodwa uDavide izinkulungwane zakhe ezilishumi.”


UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga wayini naphuzo olunamandla, kodwa bengithulula umphefumulo wami phambi kukaSimakade.


UHezekiya wayamukela incwadi eyayilethwe yizithunywa, wayifunda. UHezekiya wayesekhuphukela endlini kaSimakade, wafike wayeneka phambi kukaSimakade.


Ngakho-ke angiyukwesaba nakuba umhlaba uguquka, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle,


Kwabaningi bengifana nesimangaliso, kodwa Wena uyisiphephelo sami esinamandla.


Lapho umphefumulo wami udangala, Wena uyayazi indlela yami, endleleni engihamba ngayo, bangithukusele ugibe.


Thembani kuSimakade kuze kube phakade, ngokuba unguSimakade, yebo, uSimakade uyidwala elingunaphakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite