Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 62:8 - IsiZulu 2020

8 Bantu, yethembelani kuye ngezikhathi zonke, inhliziyo yenu niyithululele phambi kwakhe, uNkulunkulu uyisiphephelo sethu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe; uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela*

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Themba kuye njalo; zizwe, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe: uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 62:8
23 Referans Kwoze  

Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomkhuleko, ngokunxusa nangokubonga.


Vuka umpongoloze ezinzulwini zobusuku, inhliziyo yakho uyithulule njengamanzi phambi kobuso beNkosi. Phakamisela izandla zakho kuyo, ukhulekele izingane zakho, ezibulawa yindlala emajikeni ayo yonke imigwaqo.


Thembani kuSimakade kuze kube phakade, ngokuba unguSimakade, yebo, uSimakade uyidwala elingunaphakade.


Isikhalo sami ngisithulula phambi kwakhe, ngimtshela ngenhlupheko yami.


UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga wayini naphuzo olunamandla, kodwa bengithulula umphefumulo wami phambi kukaSimakade.


Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.


Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokhu ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.


ukuze ngezinto ezimbili ezingenakuguquleka, okungelula ukuba uNkulunkulu angaqamba amanga ngazo: thina esigijimile ukuyobamba ithemba esilimiselweyo, sifumane ukugqugquzeleka okukhulu.


Simakade, bakufunile besosizini, bazethula kuwe ngemikhuleko lapho ubasola.


Uzongibulala, angisenathemba, ngizozivikela izindlela zami, ngilubeke udaba lwami phambi kwakhe.


Namanje bantwanyana, hlalani kuye ukuze kuthi nxa ebonakala, sibe nesibindi, singabi namahloni phambi kwakhe lapho efika.


Simakade, yizwa umkhuleko wami, ukukhala kwami makufiyinyelele kuwe.


Thembela kuSimakade, wenze okuhle, ukuze uhlale ezweni, uzondle ngokukholeka;


Ekumesabeni uSimakade kunethemba elinamandla; lokho kubantwana bakhe kuyakuba yisiphephelo.


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uSimakade, olilalelayo izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, engenakho ukukhanya kodwa ethembela egameni likaSimakade, futhi encika kuNkulunkulu wakhe na?


Ngakhala kuSimakade ngezwi lami; wangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela


Ngakho-ke angiyukwesaba nakuba umhlaba uguquka, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle,


Kwabaningi bengifana nesimangaliso, kodwa Wena uyisiphephelo sami esinamandla.


uyothi kuSimakade: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami, unguNkulunkulu wami engethembele kuye.”


Kepha uSimakade waba yinqaba yami, uNkulunkulu wami waba yidwala engiphephela kulo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite