Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 62:7 - IsiZulu 2020

7 Ukuhlengwa kwami nodumo lwami kukuNkulunkulu, idwala lami eliqinileyo, isiphephelo sami sikuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu; idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 KuNkulunkulu insindiso yami nodumo lwami; idwala lamandla ami nesiphephelo sami likuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 62:7
17 Referans Kwoze  

Kepha Wena Simakade uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.


Thembani kuSimakade kuze kube phakade, ngokuba unguSimakade, yebo, uSimakade uyidwala elingunaphakade.


Kepha uSimakade waba yinqaba yami, uNkulunkulu wami waba yidwala engiphephela kulo.


Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.


Impela amagquma ayize nomsindo wezintaba. Ngokwempela, ukusindiswa kuka-Israyeli kukuSimakade uNkulunkulu wethu.


Wozani simhubele uSimakade, silihlokomele ngenjabulo idwala lensindiso yethu.


Kepha mina makungabi bikho lutho olunye engizincoma ngalo, ngaphandle kwesiphambano seNkosi yethu uJesu Khristu, okungaye izwe selabethelwa kimi, nami kulo.


UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.


KuSimakade zonke izizukulwane zika-Israyeli ziyolungisiswa, zibe nodumo.


Impela insindiso yakhe iseduzane nabamesabayo, ukuze inkazimulo yakhe ihlale ezweni lakithi.


USimakade uyaphila, malidunyiswe idwala lami. Makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami.


Madodana abantu, kuyoze kube nini nithunaza isithunzi sami na? Kuyoze kube nini nithanda okuyize, nifuna okungamanga na? Sela


Ngiyohlala njalo ngibheke kuwe Simakade, ngokuba Wena ungakwesokunene sami, angiyukuzanyazanyiswa.


Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni engenakunyakaziswa, kepha emi phakade.


yena uyohlala endaweni ephakemeyo, imigede emaweni iyoba yizinqaba zakhe, uyophiwa isinkwa, ahlale njalo ethola amanzi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite