Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 62:4 - IsiZulu 2020

4 Baceba ukuwisa umuntu oqavileyo. Bathokozela amanga, bayabusisa ngemilomo yabo, kodwa ngengaphakathi, bayaqalekisa. Sela

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Yebo, bathunga icebo lokumwisa ekuphakameni kwakhe, bathanda amanga; bayabusisa ngomlomo wabo, kepha ezibilinini zabo bayaqalekisa. Sela*

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bacebisana kuphela ukuze bamlahle ekuphakameni kwakhe; bajabulela amanga; bayabusisa ngomlomo wabo, kepha ezibilinini zabo bayathuka. Sela.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 62:4
27 Referans Kwoze  

amazwi akhe abushelelezi kunamafutha, kodwa inhliziyo igaya izibozi.


Ungangilahli kanye nezoni nabenzi bokubi, abathi becebela omakhelwane babo ububi ngezinhliziyo, babe bekhuluma kahle ngemilomo yabo.


Ngokuba alikho iqiniso emilonyeni yabo; izibilini zabo zingukonakala: umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.


nokho ngiyawuthanda umthetho kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi.


Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


Bathi nakuba bezazi izimiso ezilungileyo zikaNkulunkulu zokuthi abenza lezi zinto bafanele ukufa, kabagcinanga nje ngokuzenza, kodwa babuye bavuna labo abazenzayo.


uthanda okubi kunokuhle, amanga kunokulungileyo. Sela


Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.


Bamqaphela, base bethumela izinhloli ezazizenza abalungileyo ukuba zimhile ngakushoyo, ukuze bamnikele kumbusi nasegunyeni lesiphathimandla.


INkosi uJesu yayisithi kuye: “Nina baFarisi nigeza ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ingaphakathi lenu ligcwele ubugovu nokonakala.


Kwathi sekusile, bonke abaphristi abakhulu namalunga esizwe bahlangana, bakha itulo lokumbulala uJesu.


Ngalolo lusuku kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza,


AbaFarisi basuka lapho, babonisana ukuba bamhile ngezwi.


Kwathi ukuba uHerode abone ukuthi izazi zimshaye ngemfe iphindiwe, wathukuthela kakhulu. Wathumela, wabulala bonke abantwana besilisa baseBhethlehema, nasezindaweni zonke ezakhelene nalo, ababeneminyaka emibili nangaphansi, njengokwesikhathi izazi ezazimtshele sona.


“Bathokozisa inkosi ngobubi babo, nezikhulu ngamanga abo.


Olungileyo uyawazonda amazwi angamanga, kodwa isikhohlakali sidala amahloni nehlazo.


Ngamehlo azidlayo, ulimi lwamanga, izandla ezichitha igazi elingenacala;


Amanga ngiyawazonda, futhi ngiyawenyanya, kodwa ngiyawuthanda umthetho wakho.


Wena uthanda iqiniso ngaphakathi enhliziyweni, uyongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.


ngalokho lobu bubi buyofana nomfantu ovulekile obondeni oluphakemeyo, osekuseduze lubhidlike, oluyowa ngokuphazima kweso, kungalindele muntu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite