Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 62:3 - IsiZulu 2020

3 Kuyoze kube nini, nisukela umuntu ukuba nimbulale nonke, njengodonga olutshekile nothango oludilikayo na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Koze kube nini nisukela umuntu ukuba nimbulale nonke njengodonga olwengemeyo nothango oludilikayo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Koze kube nini niceba okubi ngomuntu? niyakubulawa nonke; njengodonga olugobayo nanjengothango oludilikayo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 62:3
19 Referans Kwoze  

Jerusalema, hlanza ububi obusenhliziyweni yakho, ukuze usindiswe. Kuyoze kube nini imicabango yakho emibi ihleli ezibilini zakho na?


Baceba okubi emiqondweni yabo, njalo baphehla udweshu.


Kuyoze kube nini nehlulela ngokungalungile, nenzelela izikhohlakali na? Sela


“Kuyoze kube nini ziwula ndini nithanda ubuwula, nani zedeleli, nithokoziswa ngukweyisa, nani ziwula nizonda ulwazi na?


Abaqamekela ukuphila kwami bayangicupha, abafuna ukungenzakalisa bakhuluma kabi ngami, bazindla okubi ngami usuku lonke.


Uma bekwakhela uzungu, beceba okubi ngawe, abayukuphumelela;


USimakade wathi kuMose: “Kuyoze kube nini nenqaba ukugcina imiyalo yami nemithetho yami na?


Mina ngabaqeqesha, ngaqinisa izandla zabo, kodwa bangakhela uzungu.


Madodana abantu, kuyoze kube nini nithunaza isithunzi sami na? Kuyoze kube nini nithanda okuyize, nifuna okungamanga na? Sela


Uyakulala kuze kube nini, vilandini? Uyakuvuka nini ebuthongweni bakho na?


UDavide wathi: “Ngifunga ngiyagomela, uSimakade uyakumshaya, noma afikelwe wusuku lokufa, ehlele empini, abhubhe.


UMose no-Aroni baya kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu wamaHebheru uthi: ‘Kuyoze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Vumela abantu bami ukuba bahambe, ukuze bayongikhonza.


UJesu waphendula wathi: “Maye, kinina, sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo; kuyoze kube nini nginani na? Kuyoze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.”


Ngiyohlala njalo ngibheke kuwe Simakade, ngokuba Wena ungakwesokunene sami, angiyukuzanyazanyiswa.


Ngikhala kuSimakade omele ukudunyiswa, ngisindiswe ezitheni zami.


Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni engenakunyakaziswa, kepha emi phakade.


NabaJuda bakuvuma lokho, bathi kunjalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite