Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 60:3 - IsiZulu 2020

3 Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima, wasiphuzisa iwayini, sadiyazela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima; usiphuzisile iwayini, sabhuyazela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Uwazisile abantu bakho izinto ezilukhuni, wasiphuzisa iwayini elimangalisayo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 60:3
16 Referans Kwoze  

Wena owasikhombisa izinhlupheko ezimbi eziningi, uyobuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.


isho kanje iNkosi yakho, uSimakade, uNkulunkulu wakho, Yona emela indaba yabantu bayo, ithi: “Bheka, ngiyisusile esandleni sakho indebe yokuntengezela; awuseyukubuye uphuze endebeni yolaka lwami.


Vuka, vuka, usukume wena Jerusalema ophuze esandleni sikaSimakade, indebe yolaka lwakhe; uphuze waminya esitsheni sendebe yokutengezela.


Ngokuba washo kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli kimi, wathi: “Thatha le ndebe yewayini lentukuthelo esandleni sami, uphuzise kuyo zonke izizwe engikuthuma kuzo.


Esandleni seNkosi kukhona isitsha, iwayini liyakhephuzela, sigcwele iwayini eliqungiweyo; yiyona elithunga ngaso. Bonke ababi abasemhlabeni impela boyimunca inhlese yalo, bayiphuze.


bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu owawembethe ilineni elicolekileyo, okubukhwebezane, nokubomvu, uvunule ngegolide, ngamatshe ayigugu nangamapharele!


Umuzi omkhulu wanqamuka kathathu, nemizi yabezizwe yawa. IBhabhiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.


Uyakwaneliswa yihlazo kunokuhlonipheka, uphuze nawe, ubalwe njengongasokile, indebe yesandla sokunene sikaSimakade iyakuza kuwe, ihlazo libe phezu kodumo lwakho.


Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabehluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu, ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema.


Jabula, uthokoze wena ndodakazi, yakwa-Edomi, wena ohlala e-Uzi, kodwa le ndebe izokwedlulela nakuwe, uzodakwa, uzihlubule, ube nqunu.


“Ngakho-ke, Nkulunkulu wethu, Nkulunkulu omkhulu, onamandla nowesabekayo, uhlale usigcina njalo isivumelwano sakho somusa. Yonke le nkathazo esehlelayo mayingabi ncane ebusweni bakho, thina namakhosi ethu, nezikhulu zakithi, nabaphristi bakithi, nabaphrofethi, nawokhokho, nabo bonke abantu bakho, kusukela ezinsukwini zamakhosi ama-Asiriya kuze kube namuhla.


Simakade, Nkulunkulu Wamabandla, kuyoze kube nini uyithukuthelele imikhuleko yabantu bakho na?


Ukhiphe umvini eGibhithe, wasusa izizwe, wawutshala.


Uzohlala usithukuthelele yini na? Ulaka lwakho ulwedlulisele phezu kwezizukulwane ngezizukulwane na?


Usichithile isivumelwano senceku yakho, wawungcolisa othulini umqhele wayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite