Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 6:9 - IsiZulu 2020

9 USimakade ukuzwile ukunxusa kwami, uSimakade uyakuwamukela umkhuleko wami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 uJehova uzwile ukunxusa kwami, uJehova uyamukela umkhuleko wami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UJehova wakuzwa ukunxusa kwami; uJehova uyakwamukela umkhuleko wami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 6:9
15 Referans Kwoze  

Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, wangiphendula.


“Lapho ngiphelelwa ngamandla ngamkhumbula uSimakade, umkhuleko wami wafinyelela kuwe, ethempelini lakho elingcwele.


Ngosuku engakhala ngalo, wangiphendula; waqinisa umoya wami, ngaba namandla.


Osizini lwami ngakhuleka kuSimakade, uSimakade wangiphendula, wangihola endaweni ebanzi.


wathi: “Ngakhala kuSimakade ngisengozini, ngicindezelekile, Yena wangiphendula. Ngisezinzulwini kwelabafileyo, ngakhala ngicela usizo, Wena walizwa izwi lami.


Ngakhala kuSimakade ngezwi lami; wangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela


Ngenxa yovalo mina ngithe: “Ngixoshiwe phambi kwamehlo akho.” Kepha ukuzwile ukunxusa kwami ngesikhathi ngikhala kuwe.


ngenxa yokuba inhliziyo yakho ibe nokuzisola, wazithoba phambi kukaNkulunkulu lapho uzwa amazwi akhe ngale ndawo, nangezakhamuzi zayo, yebo, wazithoba phambi kwami, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, kusho uSimakade.


“Hamba uye kuHezekiya, uthi: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakho, uthi: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizibonile izinyembezi zakho; ngizonezelela iminyaka eli-15 ezinsukwini zakho zokuphila.


Walizwa izwi lami lapho ngithi: “Ungayisithezi indlebe yakho ekunxuseni kwami, ngicela usizo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite