Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 6:8 - IsiZulu 2020

8 Sukani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uSimakade ulizwile izwi lokukhala kwami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Dedani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uJehova ulizwile izwi lokukhala kwami;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Sukani kimi nina nonke benzi bokubi! ngokuba uJehova wezwa izwi lokukhala kwami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 6:8
16 Referans Kwoze  

“Kepha yena uyakuthi: ‘Ngithi kini: anginazi ukuthi nivela kuphi. Sukani kimi nina nonke, benzi bobubi.’ ”


USimakade useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambiza ngeqiniso.


Sukani kimi, nina enenza okubi, ngokuba mina ngizoyigcina imiyalo kaNkulunkulu wami.


Khona ngiyakubatshela emehlweni, ngithi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’


Ngakhala kuSimakade ngezwi lami; wangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela


Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


Sengathi ungazibulala izikhohlakali, Nkulunkulu, ngalokho-ke sukani kimi, nina bachithi begazi.


Wena sizwe esakhe eZiyoni, nina zakhamuzi zaseJerusalema, ningabe nisakhala; impela uyokwenzela umusa, lapho ezwa ukukhala kwakho, uyokuphendula.


Impela uwuhlengile umphefumulo wami ekufeni, namehlo ami, ezinyembezini, nezinyawo zami, ekukhubekeni.


“Hamba uye kuHezekiya, uthi: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakho, uthi: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizibonile izinyembezi zakho; ngizonezelela iminyaka eli-15 ezinsukwini zakho zokuphila.


wathi “Ngiyakuncenga Simakade ukuba ukhumbule ukuthi ngihambe phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle emehlweni akho.” UHezekiya wayesekhala umunyu.


Wena ukunakile ukuzulazula kwami, izinyembezi zami zethe egabheni lakho. Kanti azikho yini encwadini yakho na?


Iso lami lifiphele ngenxa yosizi, wonke amalungu ami anjengethunzi.


Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile.


Walizwa izwi lami lapho ngithi: “Ungayisithezi indlebe yakho ekunxuseni kwami, ngicela usizo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite