Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 6:6 - IsiZulu 2020

6 Ngikhathele ngenxa yokububula kwami. Ngimantisa umbhede wami njalo ebusuku, ngincibilikisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngikhathele ukububula kwami; ngimanzisa icansi lami njalo ebusuku, ngimanzisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngikhathele ukububula kwami; ubusuku bonke ngigezisa umbhede wami; nginisela ukhukho lwami ngezinyembezi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 6:6
23 Referans Kwoze  

Ngikhathele wukukhala, umphimbo wami ugagadekile. Amehlo ami anqundekile ngukulindela uNkulunkulu wami.


Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku, ngokuba usuku lonke bathi kimi: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”


Nkosi, zonke izifiso zami ziphambi kwakho, ukububula kwami akufihlakele kuwe.


Amehlo ami akhathele ukukhala, kuphethuka izibilini zami; ngiphelelwe yithemba ngenxa yokubhujiswa kwabantu bakithi, nokuquleka kwezingane nabancelayo emigwaqweni yomuzi.


“Ngenxa yalokho ngiyakhala, ngikhihla isililo, ngokuba akukho mduduzi eduze nami obezohlumelela umoya wami. Abantwana bami bayincithakalo, ngoba isitha singehlulile.”


Ebusuku ukhala kalusizi, kugeleza izinyembezi ezihlathini; akasekho omduduzayo, phakathi kwezithandwa zakhe. Bonke abangani bakhe abebemkhohlisa, sebephenduke izitha zakhe.


“Nanamuhla ukukhononda kwami kumunyu; isandla sami sinzima, nakuba ngibubula.


Abangani bami bayangiklolodela, iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu,


kanjalo ngabelwe izinyanga zokungenanzuzo, ngamiselwa ubusuku benhlupheko.


Wema ngemuva kukaJesu, ngasezinyaweni zakhe, ekhala. Waqala ukumatisa izinyawo zikaJesu ngezinyembezi zakhe, wayesezesula ngezinwele zakhe, wazanga izinyawo ephindelela, wayesezigcoba ngamakha.


“Uyokhuluma leli lizwi kubo, uthi: “ ‘Amehlo ami mawagobhoze izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele kakhulu impela; ukulimala kwayo kuyenze yagula kakhulu.


Iso lami liyafa wusizi, ngikhala kuwe, Simakade imihla yonke, izandla zami ngizelulela kuwe.


“Simakade, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe ekunxuseni kwami, izinyembezi zami mazingakuniki ukuthula. Ngokuba kuwe ngingumfokazi, isihambi, njengokhokho bami.


“Ngiyakuzonda ukuphila kwami, ngizokhononda ngokukhululeka, ngizokhuluma ebumunywini bomphefumulo wami.


Yizwa, Simakade, ube nomusa kimi; Simakade yiba ngumsizi wami!”


Ethuneni kuyolandiswa yini ngomusa wakho, nangokwethembeka kwakho, endaweni yokubhujiswa na?


Abafileyo abamdumisi uSimakade, namunye wabo asebehlele endaweni yabafileyo.


Ngokuba indawo yabafileyo ayinakukubonga, nokufa akunakukudumisa; abehlela egodini abanakuthembela ekulungeni kwakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite