Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 6:2 - IsiZulu 2020

2 Yiba nesihawu kimi, Simakade, ngokuba anginamandla; ngiphilise, Simakade, ngokuba amathambo ami ayankenketha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Yiba nomusa kimi, Jehova, ngokuba ngidangele; ngiphilise, Jehova, ngokuba amathambo ami ayathuthumela,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yiba nomusa kimi, Jehova; ngoba ngibuthakathaka. Jehova, ngiphilise; ngoba amathambo ami aphukile.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 6:2
21 Referans Kwoze  

“Wozani, masibuyele kuSimakade, ngokuba Yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; Yena usishayile, uyakubopha inxeba lethu.


Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile.


Simakade, Nkulunkulu wami, ngikhale kuwe ngicela usizo, wangiphulukisa.


Simakade, ngiphulukise, ngiyakuphuluka, ngihlenge, ngiyakuhlengwa, ngokuba uludumo lwami.


Ngizwise intokozo nenjabulo, ukuze ethabe amathambo owachobozileyo.


“ ‘Bonani manje ukuthi Mina, yebo, Mina Nginguye, akekho unkulunkulu ngaphandle kwami; Mina ngiyabulala, ngibuye ngiphilise, ngilimaze, futhi ngipholise; akekho ongabahlenga esandleni sami.


Ukhalo lwami luyaqaqamba, akukho mpilo emzimbeni wami.


Akukho ukuphila emzimbeni wami, ngenxa yentukuthelo yakho; amathambo ami awanampilo, ngenxa yesono sami.


Ngenkathi ngithule, amathambo ami awohloka ngenxa yokububula usuku lonke.


U-Abhrahama wakhuleka kuNkulunkulu. UNkulunkulu wamelapha u-Abhimeleki, umkakhe nezigqila, wabuye wabavula izibeletho,


Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke iSiriya. Baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlungu, ababehlukunyezwa futhi bekhwelwe ngamadimoni, abanesithuthwane, nababefe uhlangothi, wabaphulukisa.


Ngichithiwe njengamanzi; kuxega wonke amalungu ami. Inhliziyo yami incibilika njengengcina ezibilini zami.


Ngokuba uyalimaza, abuye abophe, uyashaya, kodwa izandla zakhe zibuye ziphilise.


UMose wakhala kuSimakade, wathi: “Nkulunkulu, ngiyakuncenga, mphulukise!”


Wathi: “Uma nililalela ngokucophelela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, nenze okulungileyo emehlweni akhe, nigcine imiyalo yakhe, nigcine zonke izimiso zakhe, angiyukunehlisela zonke izifo engazehlisela abaseGibhithe, ngokuba nginguSimakade oniphilisayo.”


Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangani bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singishayile.


Ngokuba imicibisholo ingigwaze yagxila; isandla sakho singicindezele kanzima.


Simakade, ngiqondise ngobulungiswa, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungiphendule into engelutho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite