Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 59:9 - IsiZulu 2020

9 Ngenxa yamandla akho, ngizokulindela, ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Mandla ami, ngiyakulindela wena, ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngenxa yamandla akhe ngizakulindela, ngoba uNkulunkulu uyisiphephelo sami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 59:9
18 Referans Kwoze  

USimakade uyinqaba kocindezelweyo, uyinqaba ngesikhathi sokuhlupheka.


NguYena kuphela oyidwala lami nensindiso yami; inqaba yami, angisoze nganyakaziswa.


Mandla ami, ngizohubela Wena; ngokuba uNkulunkulu, uyinqaba yami, unguNkulunkulu wami onomusa.


Lindela uSimakade, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi. Yebo, lindela uSimakade.


USimakade iNkosi, ungamandla ami, wenza izinyawo zami zibe njengezendluzela, enze ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo. Kumholi wokuhlabelelisa ngohabhu lwami.


kepha abamethembayo uSimakade bayakuthola amandla amasha, bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.


UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”


USimakade ungukukhanya kwami nensindiso yami. Ngubani engingamesaba na? USimakade uyinqaba yokuphila kwami. Ngubani engingaba novalo ngaye na?


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


khona uyakuzijabulisa kuSimakade, ngiyokukhweza ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, ngikuphe ukuba udle ifa likaJakobe uyihlo,” ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.


UNkulunkulu ukhulume kanye, ngakuzwa kabili lokho: amandla angakaNkulunkulu,


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.


USimakade makakuphendule ngosuku lwenhlupheko. Igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele.


Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyababhuqa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite