Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 59:16 - IsiZulu 2020

16 Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngithabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami nesiphephelo sami ngosuku lokuhlupheka kwami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngethabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami, nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kepha mina ngiyakuhlabelela ngamandla akho; yebo, ekuseni ngiyakuhlabelela ngomusa wakho, ngokuba uyisiphephelo sami nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 59:16
31 Referans Kwoze  

Phakama ngamandla akho, Simakade. Thina sizohlabelela, situse amandla akho.


KuYena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi,


nabezizwe bamdumise uNkulunkulu ngenxa yesihawu sakhe, njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Ngakho ngiyakukudumisa phakathi kwabezizwe, ngihubele igama lakho;”


Ngokuba intukuthelo yakhe ingeyesikhashana, umusa wakhe umi ingunaphakade. Ukulila kungadonsa kuze kuhlwe; injabulo iqhamuke ekuseni.


Mangizwe ububele bakho ekuseni, ngokuba ngethembela kuwe; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo, ngokuba umphefumulo wami ngiwuphakamisela kuwe.


Noma ngihamba ngikhungethwe ukuhlupheka, uyongilondoloza, uyokwelula isandla sakho ungivikele olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.


Nguye owasihlenga ekufeni okungaka, futhi oyakusiphephisa; sethembele kuye ukuthi uyakusihlenga.


Ngizohuba ngomusa nobulungiswa, ngikudumise Wena Simakade.


Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Bayokhuluma ngenkazimulo yombuso wakho,


Simakade, umusa wakho ufinyelela emazulwini, ukwethembeka kwakho kufika emafwini.


Ngizokwethaba ngijabule ngomusa wakho, ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami, wazinaka izinsizi zomphefumulo wami;


Ngiphendule lapho ngikhala, Nkulunkulu ongukulunga kwami. Ekucindezelweni wangenzela indawo ebanzi; yiba nomusa kimi, uzwe umkhuleko wami.


USomandla singemqonde, mkhulu ngamandla nangobulungiswa, ngokulunga kwakhe okukhulu akoni muntu.


Maye, lukhulu lolo lusuku, alukho olunjengalo! Lesi yisikhathi sokuhlupheka kuJakobe, kodwa uzosindiswa kukho.


Ngizohlabelela ngomusa kaSimakade kuze kube phakade, ngomlomo wami, ngazise izizukulwane ngezizukulwane ukwethembeka kwakho.


Simakade, mina ngikhala kuwe, ekuseni umkhuleko wami uyenyuka phambi kwakho.


Ngosuku losizi lwami, ngifuna iNkosi, ebusuku ngelule isandla sami ngingakhathali. Umphefumulo wami uyenqaba ukududuzwa.


UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.


UDavide wathi: “USimakade owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhele, uzakungisindisa nasesandleni salo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uSimakade uzokuba nawe.”


Simakade, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngethula kuwe isicelo sami, ngilinde.


Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe.


ngokuba umusa wakho phezu kwami mkhulu, ukhulule umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi.


UNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami ephephileyo nesiphephelo sami; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.


“Isandla sakho sokunene Simakade siyakhazimula ngamandla, isandla sakho sokunene Simakade sifihlize isitha.


Uhamba ezulazula, efuna ukudla, athi: kuphi na? Uyazi ukuthi usuku lobumnyama selusesandleni sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite