Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 59:12 - IsiZulu 2020

12 Amazwi eziwasho ngezindebe zazo ayisono esiphuma emlonyeni wazo, mazibambeke ekuqhosheni kwazo, nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo; mazibanjwe ekuzidleni kwazo nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngenxa yesono somlomo wabo nangenxa yamazwi ezindebe zabo, mabaziqhenye ngisho nasekuziqhenyeni kwabo, nangenxa yesiqalekiso namanga abawakhulumayo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 59:12
20 Referans Kwoze  

Omubi ubanjwa ukuphambuka kwakhe kwakusho ngomlomo wakhe, kodwa olungileyo uyaphuma enkathazweni.


Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso, nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.


Umlomo waso ugcwele iziqalekiso, inkohliso nencindezelo; phansi kolimi lwaso kukhona ukuganga nobubi.


“Kukhona ukuqalekisa nokukhohlisa, ukubulala, nokweba, nokuphinga, bayadlebeleka, kugobhoza igazi.


Ngokuqhosha, ababi bahlupha abampofu. Mababanjwe emacebeni abawacebileyo.


Kepha baqinisa kakhulu, bethi: “Ubhebhezela abantu, efundisa kulo lonke iJudiya, eqalile eGalile, waze wazofika lapha.”


bathi: “Nkosi, siyakhumbula ukuthi lo mkhohlisi esaphila, wathi: ‘Emva kwezinsuku ezintathu, ngizakuvuka.’


Abantu bonke baphendula, bathi: “Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.”


Ngalolo lusuku awuyukuba namahloni ngazo zonke izenzo zakho owahlubuka ngazo kimi, ngokuba ngiyakususa kuwe abajabulela ukuzigqaja kwabo; awusayukuphinde uzikhukhumeze futhi entabeni yami engcwele.


Ukulunga kuyabasindisa abaqotho, kodwa abanobuqili bayobhajwa ezinkanukweni zabo.


usubanjwe ngamazwi akho, wabhajwa ngenxa yalokho okushilo.


Ibuyisele kasikhombisa ezifubeni zomakhelwane bethu inhlamba abakuhlambalaza ngayo, Nkosi.


Uphuca abaholi bezizwe zomhlaba ukuqonda, abahlwathizise lapho kungekho ndlela khona, ehlane, kwahlongasibi.


Bakhuluma futhi bacabange nto yinye nje: ukuthi bangangilimaza kanjani.


Kepha ngiyakuyishiya insali eyingcosana, isinde enkembeni, endlaleni, nasobhubhaneni, ukuze ilande ngazo zonke izinengiso zabo ezizweni lapho beyakuya khona, bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite