Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 58:3 - IsiZulu 2020

3 Ababi bahlubuka kwasesibelethweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ababi bahlubuka kwasesizalweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ababi bahlukanisiwe kwasesiswini; bayaduka ekuzalweni kwabo, bakhulume amanga.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 58:3
9 Referans Kwoze  

Impela ngazalelwa ebubini, umame wangikhulelwa esonweni.


Yebo, awukaze ukuzwe, awukaze ukwazi, kwasemandulo indlebe yakho ayivulwanga, ngokuba bengazi ukuthi ukhohlakele, nokuthi kwasesibelethweni wabizwa ngomhlubuki.


Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana, kodwa induku yokumyala ibuqhelisela kude naye.


esasikade sihamba sonke phakathi kwabo ezinkanukweni zenyama yethu eyonakeleyo, senza intando yenyama eyonakeleyo neyemicabango; sasingabantwana bolaka ngokwemvelo njengabo bonke abanye.


Uyini umuntu ukuba angaba ngohlanzekileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba abe ngolungileyo na?


“Ngilalele, wena ndlu kaJakobe, yonke insali yabendlu ka-Israyeli engayimitha ngaze ngayizala, ngayithwala esibelethweni.


Nganikelwa kuwe kwasekuzalweni kwami; nguwe owaba nguNkulunkulu wami.


Emini nasebusuku, bazulazula bezungeza phezu kwezingange zawo, inkohlakalo nenkathazo kukuwo.


Maye, kulabo abaceba okubi, labo abahlela ukwenza ububi besemibhedeni yabo, kuthi ekuthatheni kokusa bakwenze! Ngokuba kusemandleni ezandla zabo ukwenza lokho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite