Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 58:11 - IsiZulu 2020

11 abantu baze bathi: “Impela ukhona umvuzo wolungileyo; impela ukhona uNkulunkulu owehlulelayo emhlabeni.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 abantu baze bathi: “Impela ukhona umvuzo wolungileyo; impela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngakho omunye uyakuthi: Impela, kukhona umvuzo kwabalungileyo; impela unguNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 58:11
20 Referans Kwoze  

Izizwe mazijabule, zihube ngentokozo, ngokuba abantu ubehlulela ngokulunga, uhole izizwe emhlabeni. Sela


Bonke abantu bayokwesaba, bayoshumayela ngemisebenzi kaNkulunkulu, bakuqonde akwenzileyo.


Tshelani abalungileyo ukuthi kuyobahambela kahle, ngokuba bayokudla izithelo zezenzo zabo.


Impela iso likaSimakade liphezu kwalabo abamesabayo, kulabo abethembela emseni wakhe,


Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu,


“Nithe: ‘Akusizi ngalutho ukukhonza uNkulunkulu; sizuzeni ngokugcina imiyalo yakhe nokuthi sihambe silila phambi kukaSimakade Wamabandla na?


Nimkhathazile uSimakade ngamazwi enu. Bese nithi: “Simkhathaze ngani na?” Ngokukhuluma kwenu nithi: “Bonke abenza okubi bahle emehlweni kaSimakade; Yena uyathokoza ngabo,” noma nithi: “Uphi uNkulunkulu wobulungiswa na?”


phambi kukaSimakade, ngokuba uyeza, uzokwehlulela umhlaba. Uzolehlulela ngokulunga izwe, nezizwe ngobuqotho.


phambi kukaSimakade, ngokuba uyeza, impela uyeza ukuzokwehlulela umhlaba. Uzowehlulela ngobuqotho umhlaba, nezizwe ngokwethembeka kwakhe.


Phakama, Mehluleli womhlaba, uziphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.


ukuze bamemezele ukuthi uSimakade ulungile, uyidwala lami, kuye akukho ukungalungi.


USimakade ungiklomelisile, ngoba ngenza intando yakhe, ungenzele okuhle, ngoba ngimsulwa.


Uyakuwehlulela umhlaba ngokulunga, ehlulele izizwe ngobuqotho.


USimakade uzibonakalisile, wenzile ukwehlulela ngezandla zakhe, ngokucekela phansi ababi. Sela


Kepha mina ngifana nesihlahla somhlwathi esiluhlaza, endlini kaNkulunkulu. Ngethembele emseni kaNkulunkulu kuze kube phakade.


Nkulunkulu, abantu bayibonile inhlabaluhide iya endlini engcwele, izindwendwe zikaNkulunkulu wami, iNkosi yami.


Olungileyo uyokubona lokho, ajabule, bonke ububi buvale imilomo yabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite