Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 58:10 - IsiZulu 2020

10 Olungileyo uyojabula uma ebona impindiselo, uyogeza izinyawo zakhe egazini lababi,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Olungileyo uyakujabula ngokuba ebona impindiselo; uyakugeza izinyawo zakhe egazini lababi,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Olungileyo uyakuthokoza lapho ebona impindiselo; uyogeza izinyawo zakhe egazini lababi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 58:10
16 Referans Kwoze  

ukuze ugeze izinyawo zakho egazini, nezilimi zezinja zakho zibe nesabelo ezitheni.”


Uyobona ngamehlo akho, ubone izikhohlakali zijeziswa.


Olungileyo uyothokoza kuSimakade, aphephele kuye. Bonke abaqotho ngenhliziyo, badumise.


Uma kubahambela kahle abalungileyo umuzi uyathokoza; lapho izikhohlakali zibhubha kuba khona umsindo wentokozo.


Olungileyo uyokubona lokho, ajabule, bonke ububi buvale imilomo yabo.


Memezani ngokuthokoza bantu bakhe, nina zizwe, ngokuba uyakuliphindiselela igazi lezinceku zakhe, aziphindiselele kwabamelene naye, ahlambulule izwe lakhe nabantu bakhe.”


Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”


Abalungileyo bayokubona lokho, besabe; bakuhleke, bathi:


lapho izinyathelo zami zazigezwa ezaqheqheni, nedwala elaliseduze kwami lalingithelela imifula yamafutha.


“Abalungileyo bayakukubona, bathokoze; abangenasici bayabaklolodela, bathi:


“Simakade, sengathi zingabhubha zonke izitha zakho! Kodwa abakuthandayo mabafane nelanga liphuma ngamandla alo.” Izwe lalinokuthula iminyaka engama-40.


Isikhamo sanyathelwa ngaphandle komuzi, kwaphuma igazi esikhamweni, laze lafika ematomini amahhashi, laqeda amastadiyu ayi-1 600.


Lapho kwedlula isivunguvungu omubi usuke engasabonwa, kanti olungileyo uyisisekelo esingunaphakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite