Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 57:1 - IsiZulu 2020

1 Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu, ngihawukele. Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe. Ngizokhosela emthunzini wamaphiko akho, zize zedlule izinhlekelele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu; yiba nomusa kimi. Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe; ngifuna ukukhosela ethunzini lamaphiko akho, zize zidlule izinhlupheko.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela, u-Altashiti, uMikitamu kaDavide, ekubalekeni kwakhe uSawule emhumeni. Ngihawukele, Nkulunkulu, ngihawukele, ngokuba umphefumulo wami wethemba wena, yebo, emthunzini wesandla sakho. Amaphiko ngizophephela kuze kuphele lezi zinhlekelele.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 57:1
34 Referans Kwoze  

uyokusibekela ngezimpaphe zakhe, uphephele phansi kwamaphiko akhe, ukwethembeka kwakhe kuyisihlangu nogange.


Umusa wakho uligugu, Nkulunkulu! Bonke abantu baphephela phansi komthunzi wamaphiko akho.


Mangihlale ethendeni lakho ingunaphakade. Mangikhosele emthunzini wamaphiko akho. Sela


Wena ungisizile, ngizokwethaba emthunzini wamaphiko akho.


Abalaziyo igama lakho bethembela kuwe; Simakade awubalahli labo abakufunayo.


Lowo ohlala emphemeni woPhezukonke akhosele emthunzini kaSomandla,


Uyakuzesula zonke izinyembezi emehlweni abo. Ukufa akusayukuba khona; ukudabuka, ukukhala, nobuhlungu akusayukuba khona, ngokuba okokuqala kudlulile.”


Sengathi uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli oze ukuzokhosela phansi kwamaphiko akhe angakubusisa ngakho konke okwenzileyo, akuphe umvuzo opheleleyo.”


Hambani bantu bami, niye ezindlini zenu, nizivalele khona, nicashe isikhashana, luze lwedlule ulaka.


Nkulunkulu, yiba nomusa kimi, ngokuba abantu bafuna ukungenzakalisa. Bangilwisa usuku lonke, bayangicindezela.


Ngokuba uSimakade umenze wayisiphephelo sakho, oPhezukonke waba yinqaba yakho.


Kepha mina ngethembele emseni wakho, inhliziyo yami mayethabe ngensindiso yakho.


Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwena owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uSimakade, olilalelayo izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, engenakho ukukhanya kodwa ethembela egameni likaSimakade, futhi encika kuNkulunkulu wakhe na?


Ngezwi lami ngikhala kuSimakade, ngezwi lami nginxusa uSimakade.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kodwa usizi lwenu luyakuba yintokozo.


Ukuba lezo zinsuku bezingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu, kodwa ngenxa yabakhethiweyo ziyakufinyezwa.”


Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni engenakunyakaziswa, kepha emi phakade.


Nkulunkulu wami, ngikhulule ezitheni zami, ungivikele kwabangivukelayo.


Kungabe impela nikhuluma ukulunga nobuqotho na? Madodana abantu, ngabe nehlulela ngobuqotho na?


Ngokuba ngesikhashana nje izokwehla intukuthelo yami, ulaka lwami kube ngolokubhujiswa kwabo.”


Wafika ezibayeni zezimvu ezaziseceleni kwendlela, kwakukhona umgede lapho; uSawule waphambukela khona ukuba ayozembesa izinyawo. UDavide nabantu bakhe babehlezi emuva phakathi emgedeni.


UDavide wasuka lapho, wabalekela emgedeni e-Adulamu. Abafowabo nabo bonke abendlu kayise bekuzwa lokho, behlela khona, baya kuye.


“Jerusalema! Jerusalema! Wena obulala abaphrofethi, ukhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi ngilangazelela ukuqoqa abantu bakho njengesikhukhukazi sikhoselise amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga.


UDavide naye wasuka kamuva, waphuma emgedeni, wammemeza uSawule, wathi: “Nkosi yami, nkosi!” USawule wabheka emuva, uDavide wakhothama wathi mbo ngobuso, wakhuleka.


Ngakhuleka kuSimakade, ngathi: ‘Nkosi Simakade, ungababhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho, walikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla.


Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nantu usuku uSimakade akhuluma ngalo kuwe, ethi: ‘Uyabona-ke, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze okubona kukuhle kuwe.’ ” Wayesesuka uDavide, wasika ngasese umphetho wengubo kaSawule.


UDavide wathi ku-Abhishayi: “Ungambulali, ngokuba ngubani ongelula isandla sakhe amelane nogcotshiweyo kaSimakade, angabi nacala na?”


Siyakubonga Nkulunkulu, siyabonga; igama lakho liseduze, balanda ngezimangaliso zakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite