Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 55:23 - IsiZulu 2020

23 Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Wena Nkulunkulu uyakubaphonsa egodini lokubhubhisa; abantu begazi nenkohliso abayikufinyelela nasenxenyeni yezinsuku zabo; kepha mina ngizakwethemba wena.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Kepha wena, Nkulunkulu, uyakubahlisela egodini lokubhujiswa; kepha mina ngiyakwethemba wena.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 55:23
19 Referans Kwoze  

Ukwesaba uSimakade kwandisa izinsuku, kodwa iminyaka yezikhohlakali iyancishiswa.


Uyababhubhisa bonke abakhuluma amanga; uSimakade uyabenyanya abachitha igazi nabakhohlisi.


Kuyokwenzeka kungakabi yisikhathi, igatsha lakhe lingakakhuli libe luhlaza.


Impela, kwakungenxa yami ukuba ngibe nomunyu omkhulu; nguwena owawuthanda umphefumulo wami, waze wawophula egodini lokubhujiswa, ngokuba uzintshinge emuva kwakho zonke izono zami.


Ungabi ngokhohlakele kwaze kweqa, noma oyisiwula; ufunelani ukufa kungakabi yisikhathi sakho na?


Impela ubabeka ezindaweni ezibushelelezi, ubawise babe yincithakalo.


Indawo yabafileyo nokubhubha akusuthi, namehlo omuntu awasuthi.


Indawo yabafileyo nokubhubha kuphambi kukaSimakade; kakhulu kangakanani izinhliziyo zabantwana babantu na?


Amabhodwe enu engakakuzweli ukushisa kwezinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza, noma zivutha.


Nkulunkulu wami, ngethembele kuwe; ungavumi ukuba ngihlazeke; izitha zami mazingaqhoshi ngami.


U-Abhineri esebuyele eHebhroni, uJowabe wambizela eceleni ngasesangweni ukuze akhulume naye ngasese. Wamgwaza esiswini wafela lapho, ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


olonda ukuphila kwethu, ongavumanga ukuba izinyawo zethu zishelele.


Akayukunyakaziswa kuze kube phakade, olungileyo uyohlala ekhunjulwa kuze kube phakade.


Akayukuluvumela unyawo lwakho lushibilike; okulondayo akozeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite